Udlalela ezitsheni ezifayo umnyango wezemfundo EKZN
KUNOKHULA oluyinkomba yokuthi hleze umnyango wezemfundo Kwazulu-natal usunokunyanyalata ekuqinisekiseni ukuthi ukufunda kuqhubeka ngaphandle kwezihibe ezikoleni. Akuqondakali ukuthi lokhu kukhathala kweziphathimandla zemfundo kudalwa yini.
Ngesonto eledlule iphephandaba libike ngezigameko ezimbalwa lapho othishanhloko besebenzisa isijeziso sokuvimba izingane esikoleni noma bengaziniki izincwadi egameni lokuthi kunemali okumele ikhokhwe ngabazali bazo. Okuphazamisayo kulezi ziqutshana kwande izikole okungakhokhwa kuzo, okuyizo ezimelwe uhulumeni ngezindleko.
Esinye yi-gloucester Junior Secondary, egcebeni, emzimkhulu, lapho kuthiwa uthishanhloko ugweve nezincwadi kwabangakhokhile imali engu-r150 wokuxhasa ezemidlalo. Kuzwakala kuphambene nomthethosisekelo lokhu ngoba uyavuma nokhulumela umnyango umnuz Muzi Mahlambi, noma engasachazanga ukuthi isihlava basilwa kanjani emnyangweni.
Kuphinde kwanodaba esikoleni icopesville Secondary, emgungundlovu, lapho abanye babazali bebengayizwa eyokukhokha ur300 okuthiwa ufunwa yisikole ukuze kukhokhelwe unogada nabazohlanza. Selokhu kuqale unyaka akufundwa lapha futhi kuvele ukuthi kusukela ngonyaka odlule isikole sicwile kweziningi izinkinga, okubalwa kuzo ukunqanyulwa kukagesi ngenxa yokungakhokhi komnyango. Phezu kwalokhu ingxenye enkulu yonyaka odlule, icopesville ibingenamanzi.
Yizibonelo ezimbalwa kodwa kuyacaca ukuthi uhulumeni wesifundazwe awusenamfutho wokuhlangabezana nokushiwo wumthethosisekelo ngamalungelo abantu. Akungabazeki ukuthi umsebenzi omuhle obusuwenziwe wuhulumeni phambilini uyonakala futhi imiphumela izobonakala eminyakeni ezayo ngoba nalu ukhula seluvumbuka seluchaza ukuthi amakhuba asezandleni zamavila.
Ziningi izinkinga, yebo, okukhona kuzo nokushodelwa ezimalini kukahulumeni. Kodwa, abaphethe kumele baqonde ukuthi sebedlalela ezitsheni ezifayo ngokunyantuza endimeni yemfundo. Yikusasa lezwe leli.