Isolezwe

Umasipala wakwadukuz­a nosizo kwabaya emanyuvesi

- INTATHELI YESOLEZWE

BANYELWE yinyoni esandleni abafundi bakwadukuz­a abangu-106 abakhokhel­we imali yokubhalis­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme abazofunda. Lokhu kwenzeke emcimbini omkhulu obubizwa ngokuthi yikwadukuz­a 2024 Tertiary Financial Assistance obukade ukwadukuza Town Hall.

Unkk Lindiwe Nhaca, oyimeya yakule ndawo uthe lolu hlelo luqondene kakhulu nalabo bafundi abebefunda umatric kodwa abavela emindenini ehlwempu.

"Iqiniso ukuthi kunabantwa­na abaphumele­le umatric kodwa ababhekene nenkinga yokuthi abanayo imali yokubhalis­a. Yilapho-ke thina esingenele­la khona,'' usho kanje.

Uveze ukuthi imali ebekelwe lokhu ingu-r840 000 isiyonke. "Sikholwa ukuthi le mali izokwenza umehluko omkhulu kubafundi bakule ndawo.

Asiyikhiph­i ingukheshi le mali kodwa siyokhokha kuleso sikhungo umfundi asuke esethathiw­e kusona ngokugcwel­e,'' echaza.

Uthe Kwadukuza bakholelwa kakhulu ekutheni kumele ibekwe eqhulwini ngaso sonke isikhathi imfundo.

Ubadonse ngendlebe bonke abafundi abaya emanyuvesi ukuba bangadidis­wa yizinto abazifica phambili baze bakhohlwe ukuthi bavela emakhaya anjani.

Eqhuba umeya, uthe isifunda ilembe basishayel­a elikhulu ihlombe ngenxa yokuthi imiphumela yakhona kamatric ibe mihle kakhulu.

Usfundo Mthembu, obenza umatric egroutvill­e High School nobashaye bonke emakhanda esifundeni ilembe, ubonge kakhulu ukuthola lolu xhaso.

Uthe bazizwa bekhuthaze­kile kakhulu bonke ngalolu xhaso abaluthola­yo lokubhalis­ela ukufunda.

Unhaca ukhulume nangohlelo olubizwa ngokuthi yidress a Child Campaign abalwenza ngokumbisa­na nebhange lakwaabsa.

Ngalo lolu suku kube nabafundi bezikole ezahlukene abathengel­we izicathulo nomfaniswa­no wesikole.

"Ngalolu hlelo sihlose ukuthi sibalekele­le ngomfanisw­ano wesikole abafundi abaningi abavela emindenini entulayo,'' kuchaza unkk Nhaca.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa