Luyinzukazikeyi olwezikweletu zamanzi ethekwini
INHLANGANO emele izakhamuzi zasethekwini ezikhokhela izidingo ebizwa ngethekwini Ratepayers Protest Movement (EPRM), iyaluchitha uhlelo lokulungiswa kwezikweleti zamanzi ezithunyelwe umasipala unxusa izakhamuzi ukuthi zisayine ukuthi zizozikhokha.
Kusukela ngenyanga edlule ezinye izakhamuzi zithole izincwadi eziphuma kulo masipala, ezithi zafakwa ohlelweni lokuthi ziphiwe amanzi amahhala ngephutha, okuyiphutha elenziwa ezobuchwepheshe. Ngenxa yaleli phutha umasipala unxusa izakhamuzi ukuthi zize kwamasipala ziyosayina ukuthi zizosikhokha isikweleti.
Unkk Gugu Sisilana, okhulumela umasipala, uthe izakhamuzi kuzomele zikhokhe imali engu-r180 ngenyanga iminyaka emithathu, kuye ngokuthi isikweleti sekhasimende ngalinye siyimalini.
Eqhuba uthe inzalo yesikweleti samanzi ebonakala ezitatimendeni izohoxiswa, ngesikhathi ikhasimende lisayina isivumelwano sokuthi sizosikhokha kanjani leso sikweleti. Uthe ayikho imali ezokhokhwa yikhasimende ngaphambi kokuthi lisayine lesi sivumelwano, okuyinto ejwayele ukwenzeka uma amakhasimende elisilele ngemuva ekukhokheleni izidingo zawo.
Umasipala uthe abalelwa ku-49 000 amakhasimende athintekile. Phambilini umasipala wawunikeza zonke izakhamuzi ezinemizi ebiza imali engu-r250 000 kuya phansi amanzi amahhala. Manje usushintshile awusabheki ukuthi umuzi uyimalini.
Imizi ethole izitatimende zokuthi ikhokhe, umasipala uthi kusukela nyakenye iqhubekile yathola amanzi amahhala ekubeni isikhishiwe kulolu hlelo.
Izitatimende zamanye amakhasimende ezibonwe yileli phephandaba zikhomba ukuthi izinkomishi ziphambane nyakenye.
Umasipala uthe amakhasimende azohluleka ukuya kwamasipala azofakwa ophikweni oluqoqa izikweleti.
Amanye amakhasimende athi leli phutha lenzeka nje vele amamitha amanzi awafundwa, agcina ukubonwa abawafundayo eminyakeni emibili kuya kwemithathu eyedlule.
Kwezinye izakhamuzi ezibhekene nale ngwadla, kubalwa unkk Sizakele Sosibo wakwamashu. Isikweleti sakhe sikhomba ur6000.
Uthe akakholwa ukuthi kunephutha lezobuchwepheshe elenzekile kodwa umasipala usuyazisola ngokunikeza abantu abaningi amanzi amahhala obekuwumgomo wawo weminyaka.
" U-6kl wamahhala phambilini bewungatholwa abafake izicelo zawo kuphela. Imizi eminingi engo-4 room ibithola lawo manzi ngoba ngokukamasipala ibiza ngaphansi kukar250 000. Siyaxakeka uma sekuthiwa iphutha lenzeke nyakenye. Sesinqunyelwa ogodweni kuthiwa asisayine ukuthi sizokhokha. Kuthatha isikhathi esingakanani kanti ukubona ukuthi kunephutha. Kwakumele umasipala ulibone ngaleyo nyanga elenzeka ngayo, uma kwakuyiphutha. Yini eyenze kuze kuphele isikhathi esingaka bengaboni ukuthi kube nephutha?," kubuza unkk Sosibo.
Usihlalo WE-EPRM, u-asad Gaffer, unxuse amakhasimende athintekile ukuthi angayi ezikhungweni zikamasipala 'ayovuma' izikweleti.
Ugaffer uthe, I-EPRM ayinaso isiqiniseko sokuthi ukusayina isivumelwano sokuthi uyasivuma isikweleti, kuyisinyathelo esifanele, wathi kusekuningi okusamele babonisane ngakho nomasipala ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo.
“Asisemukeli lesi sikweletu, ngakho-ke akekho umuntu okufanele asayine ukuthi uyasivuma isikweletu, ngoba nalolo hlelo lunamaphutha,” usho kanje.
Umnuz Imtiaz Syed, we-active Citizens Coalition, emhlanganweni wamakhansela asethekwini, obungeledlule, uthe amakhasimende asobishini kumanje angene ngenxa yokuthi phambilini abevele engaphansi kohlelo lokunikezwa amanzi amahhala eminyakeni eminingi. Nyakenye umasipala washintsha wawakhipha lawa makhasimende ngoba usushaye umthetho omusha, kodwa kwenzeka ‘iphutha’ lokuthi aqhubeke ahlomule.
“Umasipala kumele uthathe isinqumo esicacile ngokuthi ngobani okumele bathole amanzi amahhala, kungaba umuzi ongu-r250 000 kuya kur650 000. Ubhubhane lwe-covid-19, izibhelu zika2021, izikhukhula zifake ingcindezi emindenini eminingi ,” kusho usyed.
Uthe yonke imizi ebiza ur650 000 kuya phansi kumele yesulelwe izikweleti, bese inikwa ithuba lokuthi ifake izicelo zamanzi amahhala okuhambisana nomthetho omusha ka-2023/2024 wamanzi walo masipala.