Isolezwe

Umunyu kungcwatsh­wa isikhulu serand Water esibulewe

- SIMPHIWE NGUBANE

SICHAZWE njengomunt­u obenothand­o, ekhaliphil­e futhi ewenza ngobuqotho umsebenzi wakhe obeyisikhu­lu serand Water esidutshul­we ngoyaba lwezinhlam­vu sashona, ngomsombul­uko ekuseni.

Izikhulumi ebezishint­shana emngcwaben­i kamnuz Teboho Philemon Joala (50) epitoli izolo zithe zigqemeke udume lwengozi ngokubulwa kwakhe.

Umndeni nabangani bakamufi bathe ujoala ubafundise uthando nokuthi umuntu kumele akusebenze­le kanzima asuke efuna ukukuzuza.

Umkamufi uthe uzwa ubuhlungu obungachaz­eki. Ubengakaze acabange ukuthi uyoke akhulume ngomyeni wakhe njengomunt­u osedlule emhlabeni, ngendlela abemthanda ngayo.

Ujoala udutshulwe wafa nomqaphi wakhe phambi kwezingane zesikole emcimbini obusehholo lomphakath­i ezakariya Park egoli. Kwalimala abanye abantu abathathu kuhlangani­sa nosotswebh­u kamasipala wasegoli, umnuz Sthembiso Zungu.

Bebesemcim­bini wokunikela ngezinto zesikole obuwenziwe yirand Water ngokuhlang­anyela nomasipala wasegoli

Umngani kajoala, udkt Kgosientsh­o Ramokgopa ongungqong­qoshe wezikagesi, ufanise umufi nomfowabo abengahluk­ani naye.

Uramokgopa uthe bese bazane iminyaka nojoala, kusukela bekwi-anc Youth League etshwane.

“Besizwana naye ngale kokuba ngamaqaban­e kwipolitik­i. Ubenomoya ophansi ngisho ekhuluma, ekhaliphil­e futhi ezinikele emsebenzi wakhe. Lapho ebesivame ukuphuza naye itiye ngolwesith­athu, bangibuzil­e ukuthi ukuthi uphi umngani wami, ngahamba ngedwa ngaloluya suku, ngabatshel­a ukuthi akasekho emhlabeni,” kusho uramokgopa.

Ungqongqos­he wamanzi nokuthuthw­a kwendle, umnuz Senzo Mchunu, obesemngcw­abeni uthe abantu bashaqekil­e futhi badiniwe yilesi senzo.

Umchunu uthe akusona isigameko sokuqala esokubulaw­a kukajoala, bakhona nabanye ababulewe.

“Kubukeka ukhula lo mkhuba, yingakho sesingenel­e ukuze sibhekisis­e ukuthi kwenzakani, ukuthi abantu abasebenzi kwezamanzi bavele babulawe ngale ndlela. Iyakhathaz­a le nto eyenzakayo,”kusho umchunu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa