Isolezwe

Ngizolusho maduzane usuku lokhetho: Ramaphosa

- SIMPHIWE NGUBANE

U

MENGAMELI wezwe ophinde ahole I-ANC, umnuz Cyril Ramaphosa, uthe akusensuku zatshwala amemezele ukuthi abantu baya nini okhethweni nonyaka. Uramaphosa ukusho lokhu esoweto, egoli, ngempelaas­onto. Uthe lapho ekade ehamba khona esoweto ekhuluma nabantu, kukhona abebekade bembuza ukuthi lunini kanti usuku lokhetho. “Abantu banogqozi, ngifikelwa wumuzwa wokuthi bayafuna ukuvota. Bebelokhu bengibuza bethi kanti kuvotwa nini?,” kusho uramaphosa. Uramaphosa uthe njengoba ezolumemez­ela maduze usuku okuzovotwa ngalo, wonke umuntu uzojabula. Uthe ukuzwa emakhaleni ukunqoba kwe-anc athe izothola ngaphezulu kuka-50% wamavoti iqhubeke iphathe. Uramaphosa ubesemamel­odi epitoli wathi ukungcola akubone khona kuyamangaz­a. Ukhale ngeda ehola uhulumeni ophethe umasipala itshwane, wathi ihlezi izishaya isifuba ithi lapho iphethe khona kuhle futhi iyazihambi­sa izidingo kubantu kodwa akukho okukhombis­a lokho emamelodi. Uramaphosa uthe udaba ngezinking­a zamanzi komasipala seluphethw­e uhulumeni kazwelonke ngaphansi kukangqong­qoshe wamanzi nokuthuthw­a kwendle, umnuz Senzo Mchunu. Umengameli uzokwethul­a inkulumo ayibhekise esizweni ngolwesine ehholo ecity Hall, ecape Town eyiphalame­nde lesikhasha­na ngo-7 ebusuku. Umholi weda, umnuz John Steenhuise­n, uphonselel­e inselelo uramaphosa wathi akamemezel­e usuku lokhetho ngokushesh­a. Uthe IDA ilulungele ukhetho futhi konke kumi ngomumo ngisho kungathiwa kuvotwa kusasa banganqoba. Umengameli WE-IFP, umnuz Velenkosin­i Hlabisa, obenxenxa abantu ukuthi babhalisel­e ukuvota endwedwe izolo, ukhale ngokuthi abantu sebedikibe­le ngenxa yezethembi­so ezenziwa uhulumeni angazifezi. Umnuz Julius Malema, ongumholi WE-EFF, uphoqe uramaphosa ukuthi amemezele usuku lokhetho, athe wusuku izwe elizomkhip­ha ngalo ezintanjen­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa