Uphromotha ubalisa ngezinkinga ngenxa yokumiswa kwabe-bsa
KUDUMA ikhanda kuphromotha wesibhakela wakwazulu-natal, ubasil Kotelo, welightning Boxing Promotions njengoba ungase uhlehle uqhudelwano wabo ngenxa yezinkinga zeboxing South Africa (BSA).
Ukotelo utshele Isolezwe ukuthi sebeqede konke ngamalungiselelo omqhudelwano abawuhlelela ufebhuwari 11, Kwamashu Indoor Sports Centre.
Uthe uzoba nezimpi eziyisithupha. Kweyosuku, uthami Luthuli nosiphelele Myeza bazobanga ibhande elingaphethwe muntu LEKZN Minimumweight.
Umike Dube, oyimenenja YEBSA Kwazulu-natal, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi ilightning Boxing Promotions seyiyifakile kwi-akhawunti YEBSA imali yokukhokhela amabhokisa.
Ukotelo uveze ukuthi ngasohlangothini lwabo sebeqede konke. Sekusele incwadi YEBSA egunyaza ukwenziwa kwalo mqhudelwano.
Ngodisemba wanyakenye inational Professional Boxing Promoters Association (NPBPA) inikele epretoria High Court ikhala ngokuthi uzizi Kodwa ongungqongqoshe womnyango wezemidlalo akawulandelanga umthethosisekelo WEBSA ngesikhathi eqoka amalungu amasha ebhodi. Limisiwe leli bhodi.
INPBPA iphinde yanqoba elokumiswa kukamandla Ntlanganiso esikhundleni sechief Executive Officer YEBSA.
Nyakenye, ibhodi elidala lamisa emsebenzini untlanganiso kwesokuba idirector of Operations.
INPBPA ikhala ngokuthi untlanganiso unikwe isikhundla sokub YI-CEO yileli bhodi elimiswe yinkantolo.
Ukotelo utshele Isolezwe ukuthi akazi ukuthi uzothini kubashayisibhakela uma kwenzeka uhlehla lo mqhudelwano.
"Ibuhlungu le nto eyenziwa kithi. Sesisebenzise imali eningi silungiselela lo mqhudelwano. Namabhokisa asebenzise imali yawo ezilungiselela lo mqhudelwano. Njengoba
IBSA ingenabhodi kunzima. Asikayitholi incwadi egunyaza lo mqhudelwano. Bekumele ukuthi okungenani uma kumiswa ibhodi kubekwe elesikhashana. Angazi ngizothatha ini ngihlanganise nani. Ngaphandle kokugunyazwa YIBSA, ngeke uqhubeke lo mqhudelwano," kukhala ukotelo.
Isolezwe lisanda kucaphuna uthabiso "The Rock" Mchunu ebalisa ngenkinga efanayo. Imvelo Boxing Promotions kamzala wakhe, unomvelo Magcabashezi, ilungiselela ukumqhatha noyamil Alberto Peralta (32) wase-argentina kweyebhande elingaphethwe muntu LE-WBC Siver Cruiserweight. Le mpi kumele ibe ngomashi 2, e-olive Convention Centre. Umchunu uthe uthandazela ukuthi isheshe ilungiseke le nkinga YEBSA.
Untlanganiso akathandanga ukwanda ngalezi zinkinga ngesikhathi ethintwa izolo.
"Olwami udaba sengilufake kubameli. Ngesifanayo nakwibsa. Ngithemba ukuthi maduze sikhona isixazululo esizoqhamuka. Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi nini. Ngizokhuluma nophromotha. Abahlalele ethembeni," kubeka untlanganiso.
U-ayanda Matiti, ongusihlalo WENPBPA, ucele ukuthi aphinde afonelwe ngoba usemhlanganweni. Esethintwa futhi, belungasangeni ucingo lwakhe.