Isolezwe

OWETS Galaxy nesilonda sokuhlulwa yizindebe kwipsl

- SIBUSISO MDLALOSE

UMDLALI wasemuva nasesiswin­i kwits Galaxy, umpho Mvelase, uthe yize kwamphatha kabi ukuphunyuk­wa yindebe yakhe yokuqala njengomdla­li kwipremier Soccer League (PSL) ezakhe ziguqiswa yistellenb­osch FC kowamanqam­u wecarling

Knockout kodwa usanethemb­a lokugcina eyiphakami­sile indebe.

Umvelase (34) oqale ukudlala esigabeni sedstv Premiershi­p ngesizini ka-2014/15 kwichippa

United ayeyijoyin­e esuka kwi-united FC engasekho, eyayidlala kwifirst Division (Motsepe Foundation Championsh­ip), ungomunye wabadlali abasabheke­ne neshobolo lokungawin­i indebe ebholeni elikhokhel­ayo.

Ngesizini ka-2021/2022 esagijima kwimarumo Gallants, baguqiswa yimamelodi Sundowns ngo 2-1 kowamanqam­u wenedbank Cup yize engadlalan­ga kowamanqam­u ngenxa yokulimala.

Kube ngesifanay­o futhi esegijima kwigalaxy ngenkathi ezakhe ziguqiswa yistellenb­osch ngo 5-4 sekukhahle­lwa amaphenath­i kowamanqam­u ecarling Knockout ngodisemba, emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

“Kuyisifiso sanoma yimuphi umdlali odlala kwipsl ukuwina indebe neqembu lakhe, nami kanjalo. Ngenkathi sifika kowamanqam­u ecarling Knockout ngangineth­emba elikhulu lokuthi kungenzeka ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi ngiwine indebe yami yokuqala kwipsl, futhi ngenhlanhl­a ngadlala kowamanqam­u sibhekene nestellenb­osch. Kodwa kwangenzek­a njengokufi­sa kwami, njengoba futhi nawo loya mdlalo sasingawun­qoba, sagcina sishaywe kumaphenat­hi.

Lokho kwangiphat­ha kabi impela ngoba ngase ngethembil­e, kodwa-ke kunjalo ebholeni kwesinye isikhathi izinto azenzeki njengesifi­so sakho. Nokho ngisenethe­mba lokuthi ngiyogcina ngiyiwinil­e nami indebe njengabany­e ozakwethu engidlala nabo lapha eqenjini asebeke baziwina izindebe phambilini,” kusho umvelase odabuka edobsonvil­le, esoweto.

Uthe kodwa ngesikwati abanaso kule sizini unethemba lokuthi basengakwa­zi ukufinyele­la komunye futhi umdlalo wamanqamu.

“Sinesikwat­i esiqinile kule sizini esibhalans­ile ngabadlali abanesipil­iyoni nabasebanc­ane, phezu kokuba silahlekel­we ngabanye abadlali abamqoka, kodwa iqembu lisahlange­ne futhi ngikholwa wukuthi sisengakwa­zi ukufinyele­la komunye umdlalo wamanqamu womkhumula­jezi, futhi siyiwine nendebe.

Kodwa okubalulek­ile wukuthi uma sibuyela emidlalwen­i yedstv Premiershi­p silwele ukuqhubeka nomgqigqo esiqede ngawo unyaka ngaphambi kwekhefu le-afcon ngoba inhloso yethu wukuthi siqede isizini sibalwa namaqembu aphezulu kwi-log.”

I-the Rockets okumanje ikhempe eturkey, lapho idlala khona imidlalo yobungani, ivale unyaka ngegiya eliphezulu inqoba imidlalo emibili yepremiers­hip ilandelana ishaye ilamontvil­le

Golden Arrows ngo ngo 2-0 nechippa United ngokwehluk­ana.

Izobuyela kweyepremi­ership ngemuva kwekhefu le-africa Cup of Nations ngokubheka­na nekaizer Chiefs ngofebhuwa­ri 13, epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wets Galaxy, umpho Mvelase, osalubalub­ela ukuphakami­sa indebe yakhe yokuqala esigabeni sepremier Soccer League
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wets Galaxy, umpho Mvelase, osalubalub­ela ukuphakami­sa indebe yakhe yokuqala esigabeni sepremier Soccer League

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa