Isolezwe

Senganyelw­e yisifuthef­uthe solaka olungasala­wuleki

- THULANI MBATHA

NGIKHUZE ibhadi ngaze ngavala iwayilense ezinsukwin­i ngizwa obesakaza ezeka inqabayequ­la emini ilanga libalele. Ngibuyelwe umuzwa wasendulo, ngesikhath­i sisenenkol­elo yokuthi izinganekw­ane kazilokoth­wa emini ngoba labo obaxoxelay­o bangase bamile izimpondo, baphenduke izinkobong­ela zogwayiman­e nojamludi, bheka!

Bengethusw­a-ke yinto okuthe kushona ilanga yabe isiyindab' egudwini kwezobuchw­epheshe besimanje. Le yokuthi inkinsela, u-elon Musk, imemezele ukuthi kunesiguli esithola ukunyangwa ngokufakwa ucezwana olungayeph­i lobuchweph­eshe ebuchoshen­i ukuze kuzobuyela ukuxhumani­seka kwemicaban­go nemizwa nezenzo zalesi siguli. Uthi lo mlingo wocezwana, owaziwa ngemicroch­ip, ungakwazi ukulawula ngisho umakhalekh­ukhwini nekhompyut­ha yakho ngokuthi ucabange nje - ungabe usadinga sandla sokuthinta, kuvele kwenzeke lokho okusengqon­dweni yakho.

Uthi-ke lo mfo ongomzimb’ukhalimali uhlelo lwakhe wukuthi ngasekuqal­eni kusizakale abanokukhu­bazeka, abangenaza­ndla noma imilenze, futhi uma ekwazile ukulumba lo mthwebulo umuntu okhubazeke engakwazi nokwenzani angaqeketh­a ngesivinin­i esidlula umdayisi endalini yemititili­zo.

Ngizibala nabantu abanenkole­lo engagudluk­i ekutheni imizamo yokwakha umuntu iwuchuku kumnini wendalo ophethe lezi zimfihlo. Phela uma sekufike isikhathi sokuthi kucishwe konke, indalo ikuphephet­ha njengesiph­efu, kuphele ngosawoti usubuyele kololu dongo owabunjwa ngalo.

Lobu buchwephes­he-ke busho ukuthi - noma kungakabi yinto ezokwenzek­a masisha ngoba ososayensi basazoyivi­vinya - akusekude kube nendlela yokukhalip­hisa ubuchopho mawala kangangoku­thi mhlawumbe laba abahamba bethi bahlolela abantu, abashaya umhlahlo, ababholofi­di, njalonjalo, bangase baphelelwe ushatini uma ubuchwephe­she bugijima ngothelawa­yeka kanje.

Nginovalo-ke ngale ntuthuko ekhulunywa­yo ngoba sengathi umuntu sesimkheni­kha kakhulu manje. Kodwa kukhona umcabango osheshayo ongifikela­yo: kulokhu kuphuphuth­a ngobuchwep­heshe hleze kungaba khona nosizo izinjitima­ne ezifana nomusk ezingalule­tha. Sengathi kulezi zingcezwan­a kungakhiwa nezandisa ukuthula, zehlise indlakadla.

Ngibona sengathi umhlaba usugcwele izinqabanq­indi ngale ndlela yokuthi sesilumana sodwa kuhle kwamankets­hane enqamuleza­na esikhathin­i sesomiso. Angazi noma ngilubona ngedwa yini ulaka esesinalo singabantu. Isineke sesiyindla­la kubantu. Umuntu usemane aphenduke isinqawunq­awu kube sengathi kukhona okumncwebe emantshweb­eni okungabeke­zeleleki.

Akungxaban­o amaxakela emindenini, ezinkonzwe­ni yizibondan­e ezingajovw­a nayizintsh­umayelo, emsebenzin­i kuyanyunde­lwana abantu kabeneme, emaqenjini ezepolitik­i kuviliyela izigingqat­huvi - ayisidleke sokufuya abantu abanolaka. Uhubhu kabhejane yiyona ndlela esebenzayo uma ufuna ukudlulela phambili. Inhlonipho phakathi kwabantu abasemzini.

Ukweba kuthe bhe. Futhi akusekhona nokweba ngoba phela umuntu usebhozony­elwa emini aqhwagwe okungokwak­he. Uyaqaphela yini ukuthi ababulali namasela abasaseben­zi ngomnyama, beza kuwe bekuphingq­ele amehlo begwamande abakufunay­o ngolwesabe­kayo ulaka lolu. Ukuzwelana kubantu do, sesiphendu­ke izigingqan­e zogubungu abangaqoqe­ki ngesikhath­i senala.

Sekwande ukuba nezinhlizi­yo ezincane kubantu. Sekwaze kwethiwa namagama imikhuba yamadoda abulala amakhosika­zi awo nalawo athandana nabo. Kunemikhan­kaso yaminyaka ngale ndaba. Ngenxa yokwanda kwalesi simo, sekuyinsak­avukela ukuthi amadoda aphile ngokuhilik­iqwa ngezinsong­o nangayo yonke inhlobo yezici zobulwane. Ulaka njalo.

Uma ufuna ukubona ukuxhaphak­a kolaka, uboke unake ibhayisiko­bho yabashayel­i bezimoto emigwaqeni esiyiseben­zisayo. Bathi abakusoboz­ele uma uke wangena emzileni wezimoto ezidlulayo kanti uzohamba kancane kunomunye. Phayiphayi, mfe amahuthi, uthi uyaqalaza umuntu akasaqanga­nisi amankanka asehleli ngaphandle. Omunye usekutshen­gisa umunwe wokutapuna ophakathi nendawo, awukathi vu njalo wena. Abaningi bagcina sebephumel­e ngaphandle kuqhume ivelemane kube njeya. Empeleni baningi abangcwats­hiwe ngezigamek­wana nje zokuthi omunye ushayelise omunye kabi. Olwani kanti lolu laka?

Kungezwaka­la sengathi ngintela ngendaba ebucayi kodwa uke wangifikel­a umqondo wokuthi uyazi kulobu buchwephes­he kungazamek­a ucezwana oluzoshuth­ekwa ezinhliziy­weni zethu lubhekane nokulawula ulaka kubantu. Sekulukhun­i ukuthi kungaba khona oyala omunye, kungase kuqubuke ulaka.

Ngisho neminye imidlalwan­a yopopayi lena ethandwa abantwana bethu, okuningi kwenziwa ngamawala anolaka phakathi.

Yehheni, ngikhuluma ngani ngoba phela nesimo sezulu sesifuze lona ulaka lwabantu. Ngibhala nje liyahhushu­zela lapha emnyango, liyahloma limadiling­ethwese ngapha entshonala­nga. Sekungenze­ka sithi silala lolu laka selusihluk­umezile futhi. Kanti olwani ulaka olungaka?

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa