Senganyelwe yisifuthefuthe solaka olungasalawuleki
NGIKHUZE ibhadi ngaze ngavala iwayilense ezinsukwini ngizwa obesakaza ezeka inqabayequla emini ilanga libalele. Ngibuyelwe umuzwa wasendulo, ngesikhathi sisenenkolelo yokuthi izinganekwane kazilokothwa emini ngoba labo obaxoxelayo bangase bamile izimpondo, baphenduke izinkobongela zogwayimane nojamludi, bheka!
Bengethuswa-ke yinto okuthe kushona ilanga yabe isiyindab' egudwini kwezobuchwepheshe besimanje. Le yokuthi inkinsela, u-elon Musk, imemezele ukuthi kunesiguli esithola ukunyangwa ngokufakwa ucezwana olungayephi lobuchwepheshe ebuchosheni ukuze kuzobuyela ukuxhumaniseka kwemicabango nemizwa nezenzo zalesi siguli. Uthi lo mlingo wocezwana, owaziwa ngemicrochip, ungakwazi ukulawula ngisho umakhalekhukhwini nekhompyutha yakho ngokuthi ucabange nje - ungabe usadinga sandla sokuthinta, kuvele kwenzeke lokho okusengqondweni yakho.
Uthi-ke lo mfo ongomzimb’ukhalimali uhlelo lwakhe wukuthi ngasekuqaleni kusizakale abanokukhubazeka, abangenazandla noma imilenze, futhi uma ekwazile ukulumba lo mthwebulo umuntu okhubazeke engakwazi nokwenzani angaqeketha ngesivinini esidlula umdayisi endalini yemititilizo.
Ngizibala nabantu abanenkolelo engagudluki ekutheni imizamo yokwakha umuntu iwuchuku kumnini wendalo ophethe lezi zimfihlo. Phela uma sekufike isikhathi sokuthi kucishwe konke, indalo ikuphephetha njengesiphefu, kuphele ngosawoti usubuyele kololu dongo owabunjwa ngalo.
Lobu buchwepheshe-ke busho ukuthi - noma kungakabi yinto ezokwenzeka masisha ngoba ososayensi basazoyivivinya - akusekude kube nendlela yokukhaliphisa ubuchopho mawala kangangokuthi mhlawumbe laba abahamba bethi bahlolela abantu, abashaya umhlahlo, ababholofidi, njalonjalo, bangase baphelelwe ushatini uma ubuchwepheshe bugijima ngothelawayeka kanje.
Nginovalo-ke ngale ntuthuko ekhulunywayo ngoba sengathi umuntu sesimkhenikha kakhulu manje. Kodwa kukhona umcabango osheshayo ongifikelayo: kulokhu kuphuphutha ngobuchwepheshe hleze kungaba khona nosizo izinjitimane ezifana nomusk ezingaluletha. Sengathi kulezi zingcezwana kungakhiwa nezandisa ukuthula, zehlise indlakadla.
Ngibona sengathi umhlaba usugcwele izinqabanqindi ngale ndlela yokuthi sesilumana sodwa kuhle kwamanketshane enqamulezana esikhathini sesomiso. Angazi noma ngilubona ngedwa yini ulaka esesinalo singabantu. Isineke sesiyindlala kubantu. Umuntu usemane aphenduke isinqawunqawu kube sengathi kukhona okumncwebe emantshwebeni okungabekezeleleki.
Akungxabano amaxakela emindenini, ezinkonzweni yizibondane ezingajovwa nayizintshumayelo, emsebenzini kuyanyundelwana abantu kabeneme, emaqenjini ezepolitiki kuviliyela izigingqathuvi - ayisidleke sokufuya abantu abanolaka. Uhubhu kabhejane yiyona ndlela esebenzayo uma ufuna ukudlulela phambili. Inhlonipho phakathi kwabantu abasemzini.
Ukweba kuthe bhe. Futhi akusekhona nokweba ngoba phela umuntu usebhozonyelwa emini aqhwagwe okungokwakhe. Uyaqaphela yini ukuthi ababulali namasela abasasebenzi ngomnyama, beza kuwe bekuphingqele amehlo begwamande abakufunayo ngolwesabekayo ulaka lolu. Ukuzwelana kubantu do, sesiphenduke izigingqane zogubungu abangaqoqeki ngesikhathi senala.
Sekwande ukuba nezinhliziyo ezincane kubantu. Sekwaze kwethiwa namagama imikhuba yamadoda abulala amakhosikazi awo nalawo athandana nabo. Kunemikhankaso yaminyaka ngale ndaba. Ngenxa yokwanda kwalesi simo, sekuyinsakavukela ukuthi amadoda aphile ngokuhilikiqwa ngezinsongo nangayo yonke inhlobo yezici zobulwane. Ulaka njalo.
Uma ufuna ukubona ukuxhaphaka kolaka, uboke unake ibhayisikobho yabashayeli bezimoto emigwaqeni esiyisebenzisayo. Bathi abakusobozele uma uke wangena emzileni wezimoto ezidlulayo kanti uzohamba kancane kunomunye. Phayiphayi, mfe amahuthi, uthi uyaqalaza umuntu akasaqanganisi amankanka asehleli ngaphandle. Omunye usekutshengisa umunwe wokutapuna ophakathi nendawo, awukathi vu njalo wena. Abaningi bagcina sebephumele ngaphandle kuqhume ivelemane kube njeya. Empeleni baningi abangcwatshiwe ngezigamekwana nje zokuthi omunye ushayelise omunye kabi. Olwani kanti lolu laka?
Kungezwakala sengathi ngintela ngendaba ebucayi kodwa uke wangifikela umqondo wokuthi uyazi kulobu buchwepheshe kungazameka ucezwana oluzoshuthekwa ezinhliziyweni zethu lubhekane nokulawula ulaka kubantu. Sekulukhuni ukuthi kungaba khona oyala omunye, kungase kuqubuke ulaka.
Ngisho neminye imidlalwana yopopayi lena ethandwa abantwana bethu, okuningi kwenziwa ngamawala anolaka phakathi.
Yehheni, ngikhuluma ngani ngoba phela nesimo sezulu sesifuze lona ulaka lwabantu. Ngibhala nje liyahhushuzela lapha emnyango, liyahloma limadilingethwese ngapha entshonalanga. Sekungenzeka sithi silala lolu laka selusihlukumezile futhi. Kanti olwani ulaka olungaka?