Umasipala uklomelise abafundi
IMEYA kamasipala i-alfred Duma, umnuz Zama Sibisi, ikhuthaza bonke omasipala bakwazulu-natal ukuthi babe nezinhlelo zokusiza abafundi abasuke sebephothule u-matric, abakhele omasipala babo.
Usho lokhu emcimbini wokuklomelisa abafundi abawu-10 abenze kahle baphasa u-matric ngamalengiso. Kulo mcimbi laba bafundi banikwe izitifiketi zokubabonga, kwaphinde kwamenyezelwa nokuthi umasipala uzobasiza nasekutheni baqhube izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Usibisi uthe umasipala uhamba ezimfundisweni zenkosi umangosuthu Buthelezi esanda kukhothama, ebibakhumbuza ngokubaluleka kwemfundo entsheni.
“Intsha iyikusasa lesizwe. Uma singafaki imali emfundweni, sifana nabantu abangalikhathalele ikusasa kodwa abajatshuliswa yimanje,” kusho usibisi othe ngaphakathi kulo masipala banohlelo lokusiza abafundi abafuna ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme kodwa abavela emindenini ehlwempu.
Uthe kulo nyaka bawu 200 abafundi abazokhokhelwa umasipala ezikhungweni zemfundo ephakeme.
"Njengomasipala siyakubona futhi siyakutusa ukusebenza ngokuzikhandla okukhulu kwabantwana abebefunda u-matric ngo-2023 yize bekunezinselelo.'' kuchaza yena.
Ukhuthaze bonke abafundi asebeya ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi bangalenzi iphutha lokuba bakhohlwe lapho bephuma khona. Wathi kumele basebenze ngokuzikhandla ngenhloso yokuthi bathuthukise namakhaya abaphuma kuwona.
Uzibophezele ekutheni ngonyaka ozayo sizonyuka isibalo sabafundi abazosizwa yilo masipala, senyukele ku-300.
Inkosi E.M Buthelezi ibonge usibisi ngokuqinisekisa ukuthi ithimba lakhe liyibeka eqhulwini imfundo. Ukhale kakhulu ngesibalo esiphezulu sabafundi abahlezi emakhaya neziqu zabo. Ubashayele elikhulu ihlombe nothisha wathi baklame indima enkulu ekuqinisekiseni imiphumela engcono ka-matric ka-2023.
Kulo mcimbi isifunda uthukela sichonywe uphaphe lwegwalagwala ngokuzuza u82.6%.
Kubafundi abebebongwa kulo mcimbi kubalwa uhoosen Khan Mahdiyyah waseladysmith High, Nair Tashir waseladysmith
High, Zanokuhle Zesuliwe
Ngcobo wasemhlanweni High, Nokuphila Asande Shezi naye ovela emhlanweni High,yuvathi Naidoo waseladysmith
High, Noluvo Nomvelo Duma wasest. Chad's High, Thashen Casbar Reddy waseladysmith High, Siyanda Siyamthanda Ntombela wasedr Shabalala Secondary, Fanelesibonge Vilakazi wasesicelukukhanya High nonhlanzeko Simphiwe Shabalala wasengula High.