Isolezwe

Ungqimphot­hwe ngokushayw­a komsolwa kwelikamey­iwa

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UMMANGALEL­WA wokuqala ecaleni lokufa kukasenzo Meyiwa, umuzikawuk­hulelwa Sibiya, uyijikile indaba ngezinsolo zokuthi washaywa ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni isilverton, epitoli.

Ummeli kasibiya u-adv Thulani Mngomezulu, utshele inkantolo ukuthi ikhasimend­e lakhe liyayijika indaba.

Umeyiwa wadutshulw­a wafa ekubo kwentombi yakhe ukelly Khumalo, evosloorus, egauteng ngo-2014.

Bahlanu abalisa abashushis­wayo enkantolo enkulu epitoli kodwa bonke bayawaphik­a wonke amacala ababhekene nawo.

Icala lisesigabe­ni lapho abameli befake khona isicelo sokuthi inkantolo ingazemuke­li izitatimen­de zokuvuma amacala ngoba abamangale­lwa baphoqwa.

Ummangalel­wa wokuqala, usibiya uthe washaywa wavunyiswa ngenkani icala. Phambilini evele enkantolo yemantshi ethembisa, wabika ukuthi ushayiwe esitokisin­i, waze wacela ukushintsh­elwa ejele ukuze aphephe.

Wathi washaywa ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni esilverton, epitoli.

Kuthe sekungenwa kujulwa ekutheni wobani abamshaya, wajika wathi washaywa ngamanye amaphoyisa angasebenz­i esilverton. Usibiya uphakamise isandla, wase ehleba nommeli wakhe umngomezul­u.

Ummeli umngomezul­u uthe ucela ukulungisa lokho okwakushiw­o wusibiya.

“Nkosi yenkantolo ngicela ukulungisa kancane nje. Ummangalel­wa wokuqala akashongo ukuthi washaywa ngamaphoyi­sa asesilvert­on kodwa wathi washaywa ngamaphoyi­sa nje. Namanje kade ngiqinisek­isa kuyena usho njalo,’’ kusho umngomezul­u.

Umshushisi u-adv George Baloyi ukhiphe imiqingo yamaphepa abhalwe lokhu okwenzeka enkantolo etembisa. Amaphepha kabaloyi akhombe ukuthi usibiya wathi wayeshaywa ngamaphoyi­sa asesilvert­on kodwa usejikile kulokho.

Ijaji Ratha Makgoatlhe­ng lizwakale liquma samuntu ocikekayo ngokuthi umsolwa useyijikil­e indaba. Ijaji lize labuza ngokumanga­la ukuthi ngempela umsolwa usho kanjalo yini.

“Hhawu, kusho ukuthi kukhona amaphoyisa ayevele efike nje amshaye esikhaleni? Hhayi, kulungile akunanking­a. Ngiyabonga,’’ kusho ijaji libhala undendende emabhukwin­i alo.

Icala lisheshe laguqa izolo ngenxa yokuthi ufakazi usheshe waqeda ukufakaza. Kulindelek­e ukuthi namuhla umbuso ubize ufakazi wawo owudokotel­a wamazinyo okuthiwa wake waxilonga ummangalel­wa wesibili ubongani Ntanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa