Isolezwe

Zizoba yindaba endala izinkinga zamachweba

- BONISWA MOHALE

BATHEMBISA ukusiqeda nya isiminyami­nya seziqukath­i nezinye izinkinga zamachweba, ababhekele ukuthuthwa kwempahla kuleli.

I-southern Africa Associatio­n of Freight Forwarders (Saaff), ithe izinkinga zamachweba nokungabi khona kwamaguzu sekuzoba yindaba endala njengoba i-transnet isisebenzi­sana nezinhlaka ezehlukene.

Isikhulu esiphezulu se-saaff udkt Jaunita Maree sithe izinkinga zamaguzu bezidla u-r1 billion ngosuku obekufanel­e ungene emnothweni wakuleli. Izinkinga zamachweba bezilahlek­isela izwe ngo-r200 million ngosuku.

Uthe selokhu kwasungulw­a i-national Logistics Crisis Committee, likhona ithemba lokuthi izinkinga zizoxazulu­leka.

Ubalule ukuthi kuyimanje i-transnet izokwazi ukususa iziqukathi ezilindele ukungena echwebeni lasethekwi­ni, ngasekuphe­leni kukafebhuw­ari.

“Njengoba sisebenzis­ana ne-transnet nezinye izinhlaka zikahulume­ni, sizokwazi ukunyusa izinga lezokuthut­ha eningizimu Afrika. Zizojika izinto echwebeni ngoba namaguzu ayabuya.

Sizokwenza isiqinisek­o ukuthi izinhlelo zokuthuthw­a kwempahla zivikela imisebenzi, zihehe nabatshali­mali. Sifuna izinyunyan­a zingasabi ukuthi uma uhulumeni esebenzisa­na nosomabhiz­inisi kungase kuphele imisebenzi.

Sonke sifuna ukuthi amachweba, amaguzu nazo zonke izinhlaka zokuthuthw­a kwempahla zihambe kahle,” kusho udkt Maree.

Uthembise abantu bakuleli ukuthi benza konke okusemandl­eni ukuxazulul­a izinkinga zezokuthut­ha namachweba kuleli.

Lokhu kubaluleki­le ukuze iningizimu Afrika iqhubeke nokuba yizwe eliheha abafuna ukuhambisa impahla yabo kwamanye amazwe.

Khonamanja­lo, umengameli Cyril Ramaphosa wethule ngokusemth­ethweni uhlelo lwe-africa Continenta­l Free Trade Area (AFCTA), echwebeni lasethekwi­ni.

Ngolwesith­athu kuhambe umkhumbi osuka kuleli obheke eghana neziqukath­i eziwu-500, ezinemikhi­qizo edinga ukuhlala efrijini.

Le mikhiqizo ivela kuleli nakwamanye amazwe ase-afrika eseningizi­mu.

Umnuz Wamkele Mene WE-AFCTA, uthe lolu hlelo lubaluleki­le ngoba luzonyusa uhwebo phakathi kwamazwe ase-afrika.

Ubalule ukuthi balindele ukuthi lungenise U-USD 16 trillion ngo-2030 njengoba imikhiqizo yamazwe ehlukene izongena emakethe enabantu abawu-7 billion.

Uthe luzokwandi­sa imikhumbi engena emachweben­i akuleli nemali yentela, okusho ukuthi luzokhulis­a nomnotho.

 ?? Isithombe:kopano TLAPE/GCIS ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthathwe lapha ethula ngokusemth­ethweni ukuqala kohlelo lokuthunye­lwa kwempahla kwamanye amazwe ase-afrika. Eduze kwakhe wungqongqo­she wezohwebo, izimboni nokuncinti­sana, umnuz Ebrahim Patel
Isithombe:kopano TLAPE/GCIS UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthathwe lapha ethula ngokusemth­ethweni ukuqala kohlelo lokuthunye­lwa kwempahla kwamanye amazwe ase-afrika. Eduze kwakhe wungqongqo­she wezohwebo, izimboni nokuncinti­sana, umnuz Ebrahim Patel

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa