Ushintsho ngokubhalwa kwemithi okuzosiza abakhuluma isizulu
INKAMPANI yakuleli ekhiqiza amakhambi okwelapha iqale uhlelo lokuthi eminye imithi eyikhiqizayo iyibhale ngesizulu, ukuze iziguli ezikhuluma lolu limi zifunde kahle yonke imininingwane ngemithi yazo.
I-pharma Dynamics iyinkampani yokuqala kuleli ukubhala imithi ngesizulu.
Ngokusho kukankk
Nicole Jennings, okhulumela ipharma Dynamics, ukubhala imithi ngesizulu kuyingxenye yemizamo yenkampani yokuhlonipha amalungelo abantu okunakekelwa kwezempilo, okuyinto umthethosisekelo oyibheka eqhulwini.
“Wonke umuntu kufanele akwazi ukuqonda ulwazi olubhalwe emithini yakhe. Akukhona nje ukulandela iseluleko sikadokotela. Amapheshana emithi anikeza ulwazi olubalulekile, ukuze abantu bakwazi ukusebenzisa imithi yabo ngokuphepha nangendlela efanele." kuchaza unkk Jennings.
Ugcizelela ukuthi lokhu akuwona nje amagama asekhasini kodwa uma abantu beqonda imiyalelo yezempilo ngolimi lwabo lwebele, maningi amathuba okuthi basebenzise imithi yabo ngendlela efanele.
Uthe nakuba kubalulekile ukulalela izeluleko zikadokotela okunike imithi kodwa imibhalo emincane ebhalwe ephepheni elinamathele ebhodleleni lomuthi, ibalulekile ukuze isiguli sikwazi ukusebenzisa kahle imishanguzo yaso uma sesisekhaya.
"Isiguli sesizokwazi ukubuza kahle udokotela uma kukhona esingakuqondi mayelana nomuthi noma amaphilisi. Siphinde siqonde ukuthi izinto ezingezinhle ezidalwa wumuthi okusuke kubhalwe kulo ibhodlela, noma ibhokisi lamaphilisi.
Lokho kuzokwenza ukuthi kugwemeke nomkhuba wokuthi iziguli zizengezele isikali ngoba zizobe sezifundile ukuthi kungenzekani uma wengeze isikali," kuchaza yena.
Uqhube wathi: “Akusibo bonke abantu ezweni lethu abasazi kahle isingisi noma isibhunu futhi ngeke sicabange ukuthi baqonda amagama okwelapha abhalwe ngalezi zilimi. Yingakho sibone kubalulekile ukuthi le mibhalo itholakale ngolunye ulimi lwebele olukhulunywa yingxenye enkulu yabantu bakuleli."
Amapheshana atholakala emikhiqizweni, okungamaphilisi noma imithi ayizinhlobo ezingu-27 asehunyushelwe esizulwini esuselwa kwabebhalwe ngesingisi noma ngesibhunu.