Isolezwe

Amasu angakusiza uma uhlanza ifoni nekhompyut­ha

- PHILI MJOLI

SICHITHA isikhathi esiningi sisebenzis­a izinto zobuchweph­eshe. Lezi zimpahla nazo zidinga ukuhlanzwa njengendlu kodwa zidinga ukuthi usebenzise imikhiqizo efanele nendwangu eswakeme (damp), uma uzihlanza ukuze zingamoshe­ki. Akekho umuntu ofuna ukuthi ifoni entsha noma ikhompyuth­a ingenwe ngamanzi okungahole­la ekutheni nalapho ithengwe khona bangayikho­khi noma ngabe ibisenewar­anti. Ikhompyuth­a ne-laptop gcoliswa ukulokhu uyithinta ngesandla, izintuli ezinamathe­la kwi-screen, keyboard nayo inamathela uthuli kwesinye isikhathi kunamathel­e nezimvuthu zokudla, uma ubuye udle ngesikhath­i uyisebenzi­sa.

Indlela yokuyihlan­za i-laptop

Icishe bese uyikhipha kwisokheth­i, i-screen sesulwa ngendwangu eyi-microfiber eswakeme (damp), bese ulandela ngeyomile. Ungalokoth­i usebenzise izinto ezifana se-sanitizer nemikhiqiz­o engalimaza ikhompyuth­a yakho. Uma ukungcola kungasuki ungasebenz­isa i-70% isopropyl alcohol nayo uyithela endwangwin­i i-microfiber.

Ifoni

Sebenzisa indwangu eyi-microfiber ehlanzekil­e, eyomile ukuze usule noma yikuphi ukungcola.

Uma kusala amabala ungayifaka amanzi indwangu bese uyayikhama, gwema ukuyifaka ezimbotshe­ni uma usuyesula, yize iningi lamaselula esimanje engasangen­wa amanzi.

Landelisa nge-microfiber eyomile. Linda imizuzu emihlanu kuya weyishumi bese uyayiseben­zisa.

Ukuhlanza ifoni kuphela akwenele kumele usebenzise nesibulali magciwane okungenani kanye ngesonto. Sebenzisa izinto ezibulala amagciwane, okungaba ukwesula ifoni nge-sanitizer, noma izibulali magciwane ezingenayo i-bleach.

 ?? ?? AMASELULA nezinye izinto ezisebenza ngogesi kumele zihlanzwe ngendlela efanele ukuze kugwenywe ukuthi zonakale ngesikhath­i zihlanzwa
AMASELULA nezinye izinto ezisebenza ngogesi kumele zihlanzwe ngendlela efanele ukuze kugwenywe ukuthi zonakale ngesikhath­i zihlanzwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa