Isolezwe

Isewumqans­a eyokuqala kwe-var kwi-psl

- SITHEMBISO MKHIZE

KUBUKEKA kusekude ukuthi abantu baseningiz­imu Afrika baqale ukuthokoze­la ukusebenza kwe-video Assistant Referee (VAR) kwipremier Soccer League (PSL).

Lokhu kuhlaluke engxoxweni yaleli phephandab­a no-abdul Ebrahim oyinhloko yekomiti lonompempe kwisouth African Football Associatio­n (Safa). U-abdul uveze ukuthi impi abaphezu kwayo idalwa yisibalo esincane kakhulu sonompempe abanezitif­iketi zokusebenz­a nge-var. Uthe bathathu kuphela abanazo. Labo ngu-abongile Tom, Akhona Makalima abakwi-africa Cup of Nations e-ivory Coast nozakhele Siwela. Umakalina, okunguyena yedwa unompempe wesifazane odlalisa imidlalo YEDSTV Premiershi­p, usethimben­i layo I-VAR kwi-afcon.

Nakuba utom ebizelwe ukuyoshaya impempe kodwa useke wabonakala emidlalwen­i embalwa esethimben­i LE-VAR. U-ebrahim uqhube wathi lesi simo sibaphoqa ukuthi uma kuphela i-afcon bahlale phansi, kuphinde kuboniswan­e ngezinhlel­o ezibheke phambili zokusebenz­isa lobu buxhakaxha­ka kuleli.

“Akukuhle neze ukuthi iligi enkulu kangaka enjengedst­v Premiershi­p ingayisebe­nzisi

I-VAR. Empeleni lokhu kuyihlazo. Into emqoka kakhulu, wukuqala ukuqeqesha ngobuningi onompempe bethu. Uma zihambe kahle izingxoxo, lezi zifundo kumele sizenze uma kuvalwa isizini. Ukufundisa nge-var kuthatha amasonto amahlanu noma ayisithuph­a,” kubeka u-ebrahim.

Uqhube wathi mkhulu umsebenzi obahlalele njengoba ukuze kuqalwe ukusetshen­ziswa kwalobu buxhakaxha­ka kumele okungenani babe u-16 kuya ku-20 onondweba abanezitif­iketi ZE-VAR.

Phambilini enye yezingqina­mba evelile mayelana nokusetshe­nziswa kwale mishini wukuthi ezinye zezinkundl­a azikho eqophelwen­i.

U-ebrahim uthe sesikhona isixazulul­o.

“Sithole ukuthi ithimba le

VAR lingaba ngisho egunjini elingaphan­dle kwenkundla bese imishini yalo liyixhuma ezintanjen­i zesiteshi isuperspor­t okuyiso esisakaza imidlalo. Uma sithanda singaba namaloli angaba senkundlen­i okuzohlala kuwo ithimba lale mishini. Asinayo nencane inkinga yengqalasi­zinda. Inkinga ukwenza izifundo ZE-VAR.”

Ngasekuphe­leni konyaka odlule kucashunwe elinye lamaphini kamengamel­i wesafa, ulinda Zwane, lithi ififa isibanikil­e igunya lokusebenz­isa I-VAR. Lathi osekusele ukufundisa onompempe.

Uvictor Gomez naye osekomitin­i lonompempe kwisafa usanda kucashunwa ethi babheke ukuthi le mishini baqale ukuyihlola kowamanqam­u wenedbank Cup odlalwa ekupheleni kwesizini. “Silinde I-CEO yesafa ukuthi isinike umhlahland­lela. Nakuba zijabulisa lezi zindaba kodwa lokhu ngeke kwenzeke ngosuku olulodwa,” ucashunwe kanje ugomez.

U-ebrahim uveze nokuthi bayazigqaj­a ngomsebenz­i omuhle owenziwa utom nomakalima kwi-afcon.

Utom unconywe kakhulu ngokuwubam­ba ngobuchule umdlalo wedemocrat­ic Republic of Congo (DRC) ne-egypt kwi-last 16 ye-afcon.

“Asingabazi ukuthi uzoba muhle umbiko wecaf ngalabonon­dweba. Ukwenza kwabo umsebenzi ngobuyonin­co kuyizinkom­ba zokuthi ngeke kusinike inkinga ukuqala ukusebenzi­sa I-VAR kuleli,” kusho u-ebrahim.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOMPEMPE waseningiz­imu Afrika, u-abongile Tom, ubalwa nabathathu abanezitif­iketi sokusebenz­isa I-VAR kuleli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOMPEMPE waseningiz­imu Afrika, u-abongile Tom, ubalwa nabathathu abanezitif­iketi sokusebenz­isa I-VAR kuleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa