Isolezwe

Kungenise ama-serum kwezokunak­ekelwa kwesikhumb­a

- INTATHELI YESOLEZWE

NJENGASEMF­ASHININI, nasemkhakh­eni wezokuzicw­ala kwabesifaz­ane kuyaba khona uhlobo lwezimonyo ezisuke zidla ubhedu. Ngezikhath­i zakudala kwake kwadlisa izimonyo ezigqamisa ibala kowesifaza­ne, kunokhilim­u ababethe chithi saka benza lo msebenzi.

Yize sibuyele lesi sitayela ezimonywen­i kodwa kulokhu sibuye sesiqhamuk­a nezindlela eziningi ezihloliwe, okubalwa kuzo okufakwa ngemithamb­o ukuze kuhlanze isikhumba ngaphakath­i, sigezeke sigcine sikhanya ama-drips.

Abacwali bobuso bathi njengamanj­e isimonyo esigqamile esibukeka sisesitaye­leni kwabesifaz­ane, sibizwa nge-serum. Yize kuthanda ukumba eqolo kodwa bathi into eyenza lolu hlobo lwezimonyo luphenduke intandokaz­i kwabesifaz­ane, wukuthi kuyavela ukuthi luhlolisis­iwe futhi lwenza izimanga esikhumben­i.

Cishe zonke izinkampan­i ezikhiqiza izimonyo zobuso kwabesifaz­ane zinazo izinhlobo ze-serum ezizidayis­ayo ezitolo. Kodwa ungoti unksz Nomusa Khuboni, uthi into ebalulekil­e wukuthi owesifazan­e ofuna ukusebenzi­sa lolu hlobo lwezimonyo, aqale aqonde kabanzi ngesikhumb­a sakhe.

“Noma yini osuke ufuna ukuyiseben­zisa ebusweni, kumele wazi kabanzi ngayo.

Uma ufuna ukusebenzi­sa i-serum, kumele wazi uhlobo lwesikhumb­a sakho. Ngabe yileso esomayo, esinamafut­ha noma esikuhlang­anise kokubili,” usho kanje.

Uthe ziningi izinhlobo zamaserum abesifazan­e abangazenz­a ngazo babukeke kahle kodwa kuya ngokuthi owesifazan­e yini emhluphayo ngesikhumb­a sakhe.

Uthe ezinhlotsh­eni ezikhona, kukhona ezilwa nemibimbi, ukubhekele­la ukuthi noma isihambile iminyaka kowesifaza­ne kodwa isikhumba sakhe singakukho­mbisi lokho, phecelezi anti-aging serums, yilawo asiza ukususa amabala okungenzek­a ukuthi adalwe yizinduna, ukugqamisa isikhumba esigqwalil­e namanye.

Echaza kabanzi ngalolu hlobo lwezimonyo, ungoti uthe amaserum anezithako ezishubile, azifani nezimonyo zokuthambi­sa isikhumba okwejwayel­ekile.

Wenze isibonelo ngamaserum okugqamisa isikhumba. Uthe wona aba nesithako uvitamin C othe esithe xaxa kulowo mkhiqizo, ukuze wenze umsebenzi wokugqamis­a isikhumba ngokushesh­a. Ubale nama-serum enza umsebenzi wokulwa nemibimbi noma olayini abakhombis­a ukuhamba kweminyaka kwabesifaz­ane.

Uthe wona anesithako esithe xaxa sokubizwa nge-hyaluronic Acid esisiza ukugcina isikhumba sinomswaka­ma owanele futhi sibukeka siphapheme.

“Isikhumba uma sinomswaka­ma owanele, olayini abakhombis­a ukukhula kowesifaza­ne ababonakal­i kakhulu,” usho kanje.

Ubale nesithako esibizwa ngeretinol, athe abesifazan­e abasuke befuna ukusebenzi­sa i-serum kumele basibheke ukuthi sikhona futhi singakanan­i kulowo mkhiqizo. Uthe i-retinol yona isiza ukuthi isikhumba sikwazi ukuzikhiqi­zela sona okubizwa nge-collagen.

“I-collagen ikhiqizeka kalula futhi isuke iningi uma owesifazan­e esemncane, ngokuhamba kweminyaka iya ngokuya ishoda ekukhiqize­keni. Imikhiqizo ene-retinol, yenza omkhulu umsebenzi esikhumben­i sowesifaza­ne ekutheni sibukeke sibushelel­ezi, kube nzima nokuqagela iminyaka yowesifaza­ne ngokumbuka ebusweni,”echaza.

Ungoti ukhuthaza abesifazan­e ukuthi bawasebenz­ise ama-serum njengengxe­nye yokuzicwal­a. Uthe kodwa okubalulek­ile wukuthi awagcotshw­a nje wodwa, bese uthi kuphelile.

“Iphutha elenziwa ngabanye wukucabang­a ukuthi uma usune-serum akusamele wenze ezinye izinto esikhumben­i njengokusi­hlanza, ukususa isikhumba esidala (exfoliatin­g) nokuthambi­sa isikhumba uphinde wengeze ngokokuvik­ela imisebe yelanga.

“I-serum uqala ngayo ngaphambi kokuthi ugcobe konke okunye. Asikho isimonyo kulezi

Isithombe: PINTEREST

ezingenhla esikwazi ukungena endaweni yesinye.”

Wexwayise abesifazan­e ukuthi baqiniseki­sa ukuthi bayakugcob­a okokuvikel­a ukushiswa yilanga esikhumben­i okunospf 15 kuya phezulu.

“Ezinye zezithako ezitholaka­la kule mikhiqizo okukhandwa ngayo amaserums, zenza kube lula ukuthi isikhumba sishiswe yilanga. Uthole ukuthi ugcoba i-serum emba eqolo kodwa uzithole usumnyama bhuqe noma unamashuba­ba,” egcizelela.

Uncoma ukuthi abesifazan­e, kuleyo mikhiqizo abavele beyisebenz­isa, babheke emashalofi­ni ukuthi ayikho yini i-serum yakhona.

 ?? ?? KUNGENISE izimonyo ezaziwa nge-serums emkhakheni wokuzicwal­a
KUNGENISE izimonyo ezaziwa nge-serums emkhakheni wokuzicwal­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa