I-independent Media ibuyele kwi-press Council
INKAMPANI eyengamele Isolezwe namanye amaphephandaba amaningi kuleli, i-independent Media, isibuyele ngaphansi komkhandlu obhekele ukusebenza kwamaphephandaba owaziwa nge-press Council of South Africa (PCSA) kusukela ekuqaleni kwenyanga edlule.
Lesi simemezelo sikhishwe wumqondisi WE-PCSA, ulatiefa Mobara, izolo.
“Kuyintokozo kithi ukubuyela kwawo wonke amaphephandaba aseindependent nezinkundla ezinye zabo ngemuva kokunyamalala iminyaka cishe eyisikhombisa,” kuphawula umobara.
“Lokhu kwenzeka ngesikhathi esimqoka njengoba nokhetho selusemome kanti ukubuya kwayo (i-independent) kuyisinyathelo esinqala esizokwandisa amalungu ethu angaphezulu kuka-400.
Silwela ukuthi abezindaba abalandela imigomo yokusebenza kwabezindaba bonke babe ngamalungu E-PCSA. Imigomo yethu, i-press Code, iqinisekisa ukuthi kubikwa ngokweqiniso, ubuqotho nobuntatheli obuzimele.
Umobara ugcizelele ukuthi ukubuyela kweindependent kuyigxathu elisemqoka futhi kuzokhuthaza ubuntatheli obungachemile emaphephandabeni ayo.
“Amaphephandaba abo asezosebenzisa uphawu lwepress Council okuqinisekisa ukuthi bazosebenza ngokulandela imigomo yobuntatheli, okuyinto ezoba nasezinkundleni zabo zokuxhumana.
Usihlalo WE-PCSA ijaji Fritz Brand, uyamukele ngezandla ezifudumele i-independent Media, wathi inqubo yentando yabantu esacathula imiswe kakhulu wukubika okungachemile nokukhululekile abezindaba nezobulungiswa.
Oyinhloko yabahleli e-independent, u-adri Senekal de Wet, uthe: “Sijabule kabi ukubuyela kozakwethu be-press Council. Kuhlale kuyinkolelo yethu ukusebenza ngokukhululeka kwabezindaba, ikakhulu njengoba siya okhethweni lapho izintatheli zizobamba iqhaza elisemqoka ukulethela izindaba izakhamuzi ngale kokuchema. Sizinikele kakhulu ekumeleni iqiniso.”
Oyisikhulu esiphezulu esibambile se-independent Media, umohammed Hoosain, uthe le nkampani isilindele ngabomvu ukubambisana nozakwabo kule mboni.
Lesi simemezelo sisho ukuthi kusukela manje abafundi sebengakwazi ukukhala KWIPCSA ngalokho okungabenelisi emaphephandabeni e-independent, uma sebehlulekile ukuthola isisombululo nabahleli.
Izikhalo zingafakwa ngokuya kwisizindalwazi se-press Council esithi: www.presscouncil.org.za noma ngokuthumela i-email ku-enquiries@ombudsman. org.za