Isolezwe

Isadla lubi inkohlakal­o eningizimu Afrika

- BONISWA MOHALE

IZINHLANGA­NO ezilwa nenkohlaka­lo kuleli zithi akumangazi ukuthi ucwaningo lwenkohlak­alo emhlabeni jikelele luveza ukuthi isadla lubi inkohlakal­o eningizimu Afrika. Lolu cwaningo, olubizwa ngecorrupt­ion Perception­s Index (CPI), olwenziwe yitranspar­ency Internatio­nal, luveza ukuthi iningizimu Afrika ithole amaphuzu awu-41 kwawu-100 uma kuziwa ekulweni nenkohlaka­lo. Ngokusho kukamnuz Karam Singh, ongumqondi­si wecorrupti­on Watch, iningizimu Afrika ibuyela emuva uma kukhulunyw­a ngokulwa nenkohlaka­lo. Ubalule ukuthi embikweni odlule iningizimu Afrika yayinikwe amaphuzu awu-44 okusho ukuthi ayilwi nenkohlaka­lo ngokwanele. “Eningizimu Afrika sinezikhun­go ezikwaziyo ukuveza inkohlakal­o kodwa inkinga iba sekulweni nayo ngokuthi kujeziswe abeba imali. Kubi ukuthi ngesikhath­i iqala ukungena kulolu cwaningo olubheka inkohlakal­o emazweni awu-180 ngo-2012, yayinikwe amaphuzu awu-43. Manje isinawu-41. Isohlwini lwamazwe anentando yabantu entengayo,” kusho usingh. Ugqugquzel­e abantu bakuleli ukuthi baqhubeke nokuveza inkohlakal­o ukuze izinhlaka zomthetho zizojezisa abathintek­ayo. Uthe kulolu cwaningo amazwe angalwi nhlobo nenkohlaka­lo anikwa iqanda bese kuthi lawo angenayo nhlobo inkohlakal­o anikwe u-100. Iningizimu Afrika ithole amaphuzu afanayo naweburkin­a Faso, Kosovo nevietnam. Amazwe enze kabi ukudlula iningizimu Afrika yigabon ethole amaphuzu awu-28, Liberia ethole awu-25, Equatorial Guinea ithole 17, South Sudan yanikwa 13, kwavala isomalia ngo11. Amazwe enze kahle ukudlula iningizimu Afrika yiseychell­es ethole 71, Cabo Verde ngo-64 nebotswana ngo-59. Umnuz Wayne Duvenage, we-organisati­on Undoing Tax Abuse (Outa), uthe bebelindel­e ukuthi iningizimu Afrika yehlelwe ngamaphuzu ngoba akekho ojezisa abenza inkohlakal­o. Uthe kuyaphoxa kakhulu ukuthi umengameli Cyril Ramaphosa wathembisa abantu bakuleli ukuthi uzolwa nenkohlaka­lo kodwa mancane kakhulu amacala enkohlakal­o agweba abadla imali kahulumeni.

Ukhale ngokuthi izinkampan­i zikahulume­ni ziwile, umnotho awukhuli, kunenkinga yokuphehlw­a kukagesi ngenxa yenkohlalo.

Uthe zonke lezi zinkinga ngabe azikho ukube abeba imali kahulumeni bayaboshwa bashushisw­e bese bevalelwa ejele.

Uphethe ngokucela abantu ukuthi babike inkohlakal­o ngoba imiphumela yayo ishaya wonke umuntu wakuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa