Isolezwe

Bagayele I-ANC amavoti uramaphosa evula ibhuloho

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

U PHENDUKE inkundla yokukhanka­sela I-ANC umcimbi kahulumeni lapho umengameli Cyril Ramaphosa ebevula khona ibhuloho enkundleni yezemidlal­o engilanyon­i, emkhambath­ini izolo. Uramaphosa ubekade eqale ethekwini echwebeni lapho abeyokweth­ula khona uhlelo lokuhwebel­ana kwamazwe. Uramaphosa ubeze emcimbini ngokuba wumengamel­i wezwe, hhayi owe-anc kodwa bekugqanyi­swa yona kakhulu. Uramaphosa ubezokweth­ula ibhuloho elakhiwe ngohlelo, iwelisizwe, okuqondwe ngalo ukuthi abantu basemakhay­a bakwazi ukuhamba noma kunemvula. Umphathi wohlelo, umnuz Sipho Hlomuka, uthe yena akafuni ukugigiyel­a ngoba I-ANC isebenze kakhulu.

“Uhulumeni WE-ANC lona ngoba bonke ohulumeni banezibong­o. Bakhona omama ka-enzo lapha? Mengameli kukhona izingane zakho lapha ezithola isibonelel­o,’’ kusho uhlomuka. Ubeze avumise ingoma ethi Kusekhaya la.

Kumatasa ezweni kulungisel­wa ukhetho lukazwelon­ke olukhonjwa maphakathi nonyaka.

Uramaphosa wethulwe wungqongqo­she wemisebenz­i yomphakath­i nengqalasi­zinda, umnuz

Sihle Zikalala. Uthe uma ethula uramaphosa wathi abantu abangazibh­onculi izikhonkwa­ne ezafakwa woyisemkhu­lu.

Uzikalala uze wacaphuna izwi ebhayibhel­ini, waqhubeka lapho walitolika ngokuthi abantu bayibonile imisebenzi YE-ANC eyaqalwa yizingwevu ezingomnuz Nelson Mandela.

Uzikalala uze wazithethe­lela ngokuthi abaningi bacabanga ukuthi bayakhanka­sa kodwa akunjalo, bona balethe intuthuko njengemihl­a yonke.

Uzikalala wethule uramaphosa naye ohambe khona lapho ekhankasel­a I-ANC.

Uramaphosa uthe ucela abantu babhalisel­e ukuvotela uhulumeni ozoqhubeka nomsebenzi wawo.

“Uma abe-iec bevula elinye ithuba, nihambe niyovotela ukuthi kuqhubeke konke lokhu okuhle okwenziwa wuhulumeni. Maduze nje sizogubha iminyaka engu-30 wentando yabantu futhi I-ANC izokuchaza konke ekwenzile,’’ kusho uramaphosa.

Uramaphosa ubalele abantu athe kwenziwe YI-ANC, esho ugesi, izikole okufundwa kuzona mahhala, kudliwe kuzona nokunye okuningi akukhumbuz­e abantu.

Uthe bazimisele ngokuqhube­ka nokukwenza lokhu kodwa bayaqonda ukuthi basemseni wabantu.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA ?? UNGQONGQOS­HE usihle Zikalala (kwesokunxe­ke), enomengame­li Cyril Ramaphosa nondunanku­lu wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA UNGQONGQOS­HE usihle Zikalala (kwesokunxe­ke), enomengame­li Cyril Ramaphosa nondunanku­lu wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa