Isolezwe

Isikhwama semfundo sezingane zamaphoyis­a abulawa

- SIMPHIWE NGUBANE

INYUNYANA yamaphoyis­a nojele income isikhwama esizolekel­ela ngemali yokufunda izingane zamaphoyis­a ashone esemsebenz­ini.

Umnyango wamaphoyis­a usanda kuveza ukuthi kuno-r6.6 million oqongelelw­e ngenhloso yokuxhasa ngawo izingane ezishiywe ngabazali bazo abangamaph­oyisa, abanye abebeyizin­sika zamakhaya.

Isikhwama i-south African Police Education Trust Fund (Sapset) sixhasa abafundi kusuka ku-grade R kuyofika emazingeni emfundo ephakeme. Kuthiwa sesixhase abafundi abangu-1 078.

Kulesi sibalo abantu abangu-54 bahlomule ngeziqu, kwathi abangu-154 baphasa u-matric.

Umnyango wamaphoyis­a uthe awu-140 amaphoyisa abulawe esemsebenz­ini eminyakeni emine edlule eningizimu Afrika.

I-police and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithe nakuba isishayela ihlombe lesi sinyathelo kodwa usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe.

Okhulumela i-popcru kuzwelonke, umnuz Richard Mamabolo, ukhale ngobunzima nezimo ezibucayi amaphoyisa asebenza ngaphansi kwazo, ekugcineni aholelwe utiki.

Ulandise wathi awenzi lutho kangako u-r250 000 onikezwa umndeni wephoyisa elishone lisemseben­zini, waphakamis­a ukuthi ikhushulwe le mali.

“Selokhe kwathi nhlo ayikhushul­wa le mali eyaziwa ngedeath Grant. Imindeni yabagilwa isilandisa ukuthi iba ncane le mali ngokuhamba kwesikhath­i, zigcine sezidonsa kanzima izingane zamaphoyis­a ashona esemsebenz­ini,” kusho umamabolo.

I-popcru iphakamisa ukuthi kusungulwe ekubiza nge-danger Insurance ka-r250 000 ozonikwa umndeni wephoyisa elishone lisemseben­zini. Umamabolo uthe le mali kumele ikhishwe kanye ne-death Grant.

Baphakamis­a nokuthi icala lokubulawa kwephoyisa lithathwe njengeloku­vukela umbuso ngoba kusho ukubukela phansi ingalo yomthetho.

Ungqongqos­he wamaphoyis­a kuleli, umnuz Bheki Cele uncome umsebenzi owenziwa yisikhwama, wathi uxhaso lwemali luzokwenza umehluko empilweni yezingane zamaphoyis­a asalala kobandayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa