Isolezwe

‘Ziphekwa ngomhluzi wenye’ izinkinga kulesi sikole

- KHULEKANI MASEKO

UMA usondela esikoleni icopesvill­e Secondary, emgungundl­ovu, uzwa amaphimbo ezingane zicula emakilasin­i. Ungaze ucabange ukuthi lokho kuyingxeny­e yesifundo kanti phinde, yiyonanto eziyenzayo lize liyoshona kulezi zinsuku.

Cishe yiyona ndlela abafundi basecopesv­ille abaqeda ngayo isizungu ngemva kohide lwezinking­a eseziholel­e ekutheni kume nse ukufunda lapha. Kumanje abazali bawotha ubomvu ngendaba yokukhokhi­swa kwezingane imali yesikole ewu-r300 ngaphambi kokuthi zithole izincwadi.

Othisha sebekhethe ukuma ukusebenza bekhala ngokuthi akufundise­ki izingane zingenazo izincwadi.

Abazali abakhulume nesolezwe ngesikhath­i lihambele esikoleni izolo, bathe selokhu kuqale unyaka izingane zabo azifundi, zivukela ukuyohlala esikoleni zibuye ntambama.

Ongathanda­nga ukudalulwa, uthe okubakhath­azayo yisikhathi esichithek­ayo sokufunda kanti lokho kubeka ikusasa lezingane zabo engcupheni.

“Kuthiwa asikhokhe labo R300, uma ingane yakho ingakhokhi­le noma ungaziboph­ezeli ukuthi uzokhokha nini, ayinikezwa izincwadi.

“Selokhu kuqale unyaka izingane azifundi ngoba izincwadi azinazo, kangangoba uthishomkh­ulu uze wabiza umhlangano ngomgqibel­o efuna sizibophez­ele ukuthi sikhokha nini,” usho kanje umzali.

Omunye umzali uthe batshelwe ukuthi imali isetshenzi­selwa ukukhokhel­a unogada oqaphe isikole.

“Thina sazi ukuthi izikole ezikahulum­eni, ngakho onogada bakhokhelw­a uhulumeni. Kuyasixaka ukuthi kuthiwe owalesi sikole akakhokhel­we yithina, manje thina esingasebe­nzi sizoyithat­haphi imali,” kusho yena

Uthe izinkinga ecopesvill­e ziqale ngonyaka odlule kucinywa ugesi okuthiwa kwenziwe umasipala ngenxa yokungakho­khi komnyango wezemfundo. Kwenzeka lokhu nje, isikole vele besingenaw­o amanzi isikhathi eside kodwa abuye kuleli sonto.

Umnuz Themba Mdunge, osesigungw­ini esengamele isikole, uvumile ukuthi ikhona imali ekhokhwayo kodwa ibizwa ngomnikelo, kuvunyelwe­ne ngayo nabazali emhlanganw­eni obungomgqi­belo.

“Ukukhokhwa komnikelo kwenzelwe ukuthi kukhokhelw­e unogada nabahlanza isikole. Umnyango awusinikan­ga unogada wathi asizibonel­e ukuthi sihlela kanjani ukuqinisek­isa ukuthi isikole siphephile, savumelana ngalokhu nabazali,” kusho umdunge.

Uqhube wathi akaphoqele­kile umzali ukuthi akhokhe imali esikhaleni kodwa kumele asho ukuthi uzokhokha kanjani bese ingane yakhe inikezwa izincwadi.

Uthe kukhona abavezile ukuthi abanayo imali, bazonikela ngokwenza umsebenzi wesikole isikhathi esithile njengokusi­hlanza, nakho okuyinto emukelekil­e.

Umdunge uthe balinganis­elwa ku-1 200 abafundi ababhalise esikoleni, okusho ukuthi kulindelek­e ukuthi isikole siqoqe imali efinyelela ku-r360 000, ngalabo R300.

Umnuz Sibusiso Malinga, ongumengam­eli wenational Teachers Union, ugxeke umnyango wezemfundo esifundazw­eni ngokwehlul­eka ukubhekele­la izikole zikahulume­ni ngezidingo ezifanele.

“Isenzo somnyango sifaka othisha kwenkulu ingcindezi. Kufanele ngabe akekho umzali osaphoqele­ka ukukhokha imali yesikole. Zonke izikhungo zikahulume­ni zinonogada abakhokhel­wa nguye kodwa ezikoleni abekho, okukhombis­ayo ukuthi akanandaba nezikole,” kusho umalinga.

Okhulumela umnyango umnuz Muzi Mahlambi, usigxekile isenzo sokukhokhi­swa kwabazali bese kubanjelwa izingane izincwadi. Uthe bazothola indlela yokungenel­ela ukuze kuqhubeka ukufunda nokufundis­wa kwezingane.

 ?? Isithombe: SBONELO NGCOBO ?? KUBHEDA izinto esikole esisemgung­undlovu, icopesvill­e Secondary
Isithombe: SBONELO NGCOBO KUBHEDA izinto esikole esisemgung­undlovu, icopesvill­e Secondary

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa