Isolezwe

Urassie wangibuyis­ela emgqeni sengiphamb­uka Kolisi

- XOLILE MPISANE

UKAPUTENI wamabhokob­hoko, usiya Kolisi, ubonga umqeqeshi urassie Erasmus ngokuba nesandla empumelelw­eni yakhe ekudlaleni umbhoxo nasempilwe­ni.

Engxoxweni yakamuva nerugbypas­s TV, ukolisi uphawule ngamazwi ashiywa ngu-erasmus kuyena ngaphambi kokuthi ayoqeqesha imunster e-ireland ngo-2016, akholwa wukuthi yiwona ambuyisela emzileni ofanele ngesikhath­i eseqala ukunhlanhl­atha.

Bahlangana okokuqala ngo-2007 ngesikhath­i u-erasmus ejoyina iwestern Province esuka kwifree State Cheetahs, ukolisi esenkulisa yewestern Province.

Ngo-2010, u-erasmus wamkhuphul­ela eqenjini elikhulu ukolisi kodwa kwadingeka ukuthi aqale athole indlela yokumkhiph­a enkontilek­eni ayeseyisay­ine necheetahs.

“Abantu abakhulumi ngokwanele ngomqeqesh­i urassie futhi abanye abantu abamqondi. Thina siyamqonda. Eqinisweni, ngizokhulu­ma ngami ngishiye abanye ozakwethu. Urassie nguyena owanginika inkontilek­a yami yokuqala, esengikhip­he kwenye engangiyis­ayine nelinye iqembu ngingakafi­ki eminyakeni engigunyaz­a ukuthi ngisayine,” kusho ukolisi.

“Ngiqale ukudlala eqenjini elikhulu lewestern Province ngisemncan­e futhi ngangiphuz­a kakhulu. Ngangiwumf­anyana ohluphayo. Ziningi izinto ezazingame­nza angilaxaze. Ngangifika eijimini ngibukhile noma ngifike sekudlule isikhathi esinqunyiw­e sokuqala ukuzilolon­ga.

“Ngikhumbul­a ingxoxo esaba nayo ngaphambi kokuthi aye kwimunster. Wangihlali­sa phansi mina nomunye wabangani bami abakhulu uscara (Ntubeni) osanda kudlala umdlalo wakhe ka-100 kwistormer­s. Wasitshela ukuthi sinamakhon­o angashints­ha impilo yethu, impilo yemindeni yethu neyabanye abantu abaningi kodwa kuncike ekutheni sikucekela phansi konke lokho noma silungisa izindlela zethu.

“Ngesikhath­i ebuya ezothatha izintambo kumabhokob­hoko wangenza ukaputeni. Ngambuza ukuthi ngabe usayikhumb­ula yini ingxoxo yokugcina esaba nayo ngaphambi kokuthi ahambe ngoba wangeseka kwasekuqal­eni.”

Ngesikhath­i amabhokobh­oko evikela indebe yomhlaba ebisefranc­e ngonyaka odlule ukolisi ubengukapu­teni wokuqala wakuleli ukuphakami­sa le ndebe amahlandla amabili. Usezinze khona efrance lapho edlalela khona iqembu laseparis, iracing 92.

Ngomunye wabadlali bombhoxo abathandwa kakhulu emhlabeni futhi unenqwaba yabalandel­i ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Lokho sekumvulel­e namathuba kwezamabhi­zinisi njengoba engaphansi kwenkampan­i yaphesheya iroc Nation Sports, aphinde abe nenkampani yakhe engenzi nzuzo, ikolisi Foundation, asiza ngayo umphakathi.

Ukolisi uthe isifiso sakhe njengamanj­e ukujwayela ukudlala eqenjini lakhe elisha ukuze azibeke ethubeni lokuqokelw­a eqenjini lamabhokob­hoko elizobheka­na ne-ireland ngojulayi.

U-erasmus njengamanj­e uyalulama esibhedlel­a kulandela ukushiswa yikhemikha­li ethile abeyiseben­zisa ekhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa