Imile impilo yomfelokazi wephoyisa ngenxa kamazisi
UKHALE ngokuma kwempilo ngenxa yokuthi akawazi ukuthi ukuziphi izinkalo umazisi wakhe umfelokazi wephoyisa, ogqunywe ejele ngezinsolo zokuthi wathenga inkabi eyabulala umyeni wakhe.
Unkk Nongcebo Faith Ntombela (43) ukusho lokhu enkantolo yesifunda emlaza izolo.
Utshele inkantolo ngommeli wakhe (elingatholakalanga igama lakhe) ukuthi noma yini ayithintayo ubuzwa umazisi wakhe, awugcina mhlazane eboshwa.
Umshushisi umnuz S Nhlanhla, utshele inkantolo ukuthi umphenyi wecala wawunikeza umndeni kamufi umazisi kankk Ntombela.
Bekulindeleke ukuthi izolo inkantolo ikhombise unkk Ntombela uhla lwamacala athweswe wona nosuku ayovela ngalo enkantolo enkulu yasethekwini eyoqula icala.
Icala ligcine lihlehliselwa umashi 12 nonyaka emlaza, ukuze umbuso uphothule uhla lwamacala oluthwese abasolwa. Imantshi ikhiphe umyalelo wokuba abuyiselwe umsolwa umazisi wakhe.
“Imile impilo kamsolwa. Akakwazi ukuzinakekela nezingane zakhe ngoba akawazi ukuthi ukuphi umazisi wakhe. Wagcina ukuwubona umazisi wakhe mhlazane eboshwa. Akakwazi ndawo ukufaka izicelo ngoba ubuzwa umazisi, kwayena angawazi,” kusho ummeli.
Enkantolo kuvele ukuthi umazisi kankk Ntombeni ugcinwe wumndeni kamufi, ucaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, owayeyiphoyisa likamasipala wasethekwini.
Untombela wadutshulwa evala isango lakwakhe kwa-s emlaza ngomeyi
Unkk Ntombela ufike enkantolo efaswe imilenze ngozankosi. Ubeswenke econsa, egqoke ibhulukwe nezicathulo ezimnyama, ihembe elimhlophe eligqize ngemibala emnyama, elukile ekhanda. Ubebukeka ekhululekile futhi emoyizela, abantu bemthwebula izithombe namavideo.
Bebemgxeka ngokuthi usehlile emzimbeni futhi unesibindi sokugqoka amaqhoks. Ubaphendule wathi ngawakhe futhi usazowagqoka.
Unkk Ntombela, wenqatshelwa ibheyili ngodisemba, ubekade evele enkantolo nothishomkhulu wasempumlwane Primary, umnuz Sibusiso Justice Khumalo (53) ongaphandle ngebheyili.
Isiboshwa esidonsa udilikajele ngelinye icala lokubulala futhi esingumsolwa kuleli cala, ukhulekani Cele, asifikanga enkantolo. Bobathathu abasolwa bachakidwa yinkabi eyabulala, umzo Ntombela, eyavuma icala, yabe isigwetshwa iminyaka engu-20 ibhadla ejele.