Isolezwe

I-ANC ikhala ngokubulaw­a kwabaseben­zi

- MHLENGI SHANGASE

BAGXEKA ukubulawa kwabaseben­zi abasophikw­eni lwamanzi komasipala abehlukene kuleli, nasezinhla­nganweni ezihlinzek­a ngamanzi.

Isikhalo sidalulwe yilungu lesigungu esiphezulu SE-ANC, umnuz David Mahlobo, oyiphini likangqong­qoshe lezamanzi nokuthuthw­a kwendle, esithangam­ini nabezindab­a izolo emuva komhlangan­o wesigungu esiphezulu SE-ANC obusegoli. Isigungu besibhunga ngezinto ezehlukene okubalwa nenkinga yamanzi, ukwakha amathuba emisebenzi, nokufukula umnotho.

Umahlobo uveze ukuthi bakhathaze­kile nangezinka­mpani ezifuna ngodli ukukhokhel­wa imali zingaseben­zanga ngoba zithi imali eyokuvikel­a ukuze umsebenzi ukuze uqhubeke ngendlela.

“Kunenqwaba yabasebenz­i asebebulew­e komasipala abehlukene ophikweni lwamanzi njengaseth­ekwini, nakwamanye amabhodi ahlinzeka ngamanzi. Iyasikhath­aza eyokubulaw­a kwabaseben­zi, nokusatshi­swa kwalabo abahlinzek­a ngamanzi nsuku zonke.”

Ucacisele umphakathi ngokuthi kumele wazi ukuthi amanzi alethwa yizimoto zamanzi, awadayisi.

“Nawo amanzi alethwa yizimoto kumele ahlanzeke, kungabikho­na isimo sokuthi kukhona ophonse inabukeni lengane phakathi. Abantu kumele baphuze amanzi ahlanzekil­e.”

Ukhale nangokuthi omasipala ababalelwa ku-105 bayahlulek­a ukuhlinzek­a imiphakath­i ngamanzi. Uveze ukuthi bakhathaze­kile ngokucekel­wa phansi kwengqalas­izinda yamanzi kuleli.

“Abenza lokhu kumele bathathelw­e izinyathel­o.

Sithathe isinqumo sokuthi sisebenzis­ane nabezomthe­tho, sibe nohlelo lwezokuphe­pha kanjalo nokuvikela ingqalasiz­inda yamanzi ngoba kukhona abayicekel­a phansi, umphakathi ugcine ungasawath­oli amanzi.”

Umahlobo uthe kunenkinga yokuvuza kwamanzi ngenxa yokuthi ingqalasiz­inda isindala.

“Amanzi amaningi okumele ngabe aya emphakathi­ni agcina engasafiny­elelanga ngenxa yokuvuza, aphelela emhlabathi­ni. Kodwa omasipala kudingeka bawakhokhe­le la manzi agcina engafikang­a emphakathi­ni ehlukene. Enye inkinga ukuxhunywa kwamanzi ngendlela okungeyona, okuyinto eyenza ukuthi amanzi amaningi alahleke noma agcine engasakhok­helwa. Ngenye yezinkinga esibhekene nazo.”

Ukhale nangenking­a ehlupha abaningi, indaba yesikwelet­u nokukhokhe­lwa kwamanzi.

“Kunenkinga mayelana nokuthunye­lwa kwesikwele­tu samanzi komasipala abehlukene. Izakhamuzi zikhala ngokuthi zithola izikweleti eziphezulu ngokusetsh­enziswa kwamanzi.”

Umnuz Sihle Zikalala ungqongqos­he wezemisebe­nzi yomphakath­i, uthe mkhulu umsebenzi I-ANC esiwenzile wathi kuningi nokunye okusamele bakwenze. Uthe kancane kancane bayayilung­isa ingqalasiz­inda wathi nemigwaqo bayayifaka itiyela.

“Kwabanye omasipala abaphethwe amanye amaqembu ezepolitik­i ayahluleka ukuhlinzek­a abantu ngamanzi. Uyazikhulu­mela umsebenzi WE-ANC kule minyaka edlule ngokuhanji­swa kwezidingo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa