Isolezwe

Bakhononda ngothishan­hloko onqaba nezincwadi kwabangakh­okhile

- ZIMBILI VILAKAZI

KUKHALWA ngothishan­hloko wesikole iglouceste­r Junior Secondary egcebeni, emzimkhulu, okuthiwa ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke zizinuke izincwadi zesikole izingane ezingawukh­okhile u-r150 wokuxhasa ezemidlalo kulesi sikole.

Umzali ocele ukuthi lingadalul­wa igama lakhe, uthe selokhu zivuliwe izikole, izingane ezehluleki­le ukuza nale mali, zifike ziqhomoloz­e, zibukele eziyikhokh­ile ziqhubeka nokufunda.

Elandisa, uthe indaba kar150 iqale nyakenye, emhlanganw­eni obungo-okthoba, lapho uthishanhl­oko enqume khona ukuthi kufanele abazali balesi sikole esingayikh­okhi imali yesikole ngokomthet­ho womnyango wezemfundo, babe nayo le mali uma zivulwa izikole nonyaka.

“Sazama ukuzikhale­la ngelithi okungenani akube ur150 umuzi nomuzi ngoba eminye imizi enezingane eziyisithu­pha, kuzobasind­a ukukhokha ur150 ingane ngayinye. Wala waphetha uthishanhl­oko, wathi uyazi ukuthi ayikho ingane engayiholi imali yeqolo,” kulandisa umzali.

Uqhube wathi, uthishanhl­oko waze wasabisa ngokuthi uzobiza abakwasass­a beze esikoleni uma beqhubeka nokunqaba ukuyikhokh­a le mali.

Umzali uthe kwathi uma esekhuluma kanje uthishanhl­oko, bavele behlela ngezansi abazali.

Uveze ukuthi sezivulwa izikole, baningi abazali abahluleki­le ukufeza umgomo owabekwa uthishanhl­oko.

“Zajikiswa ke izingane ngosuku lokuqala. Ezalapha ekhaya zajikiswa yize sasiziphat­hise umyalezo wokuthi sizoyikhok­ha imali ingakaphel­i inyanga,” usho kanje.

Uthe zafika ekhaya zathi uthe uthishanhl­oko okungenani azibuye nencane ngakusasa.

“Sazinika ur20 ingane ngayinye, wazinika ke izincwadi zokufunda, kodwa wazidonsa ngendlebe ethi ungashayi umashi, imali ingaphelel­isiwe,” kwenaba umzali.

Uveze ukuthi ezingakayi­khokhi, yize zingasaxos­hwa, kodwa azinikiwe izincwadi zokufunda.

“Enye itshele umzali ukuthi banikwe i-homework kodwa alikho i-excercise lapho okumele ibhale khona i-homework eyinikiwe,” kusho umzali.

Uthe iyabakhali­sa le nto ngoba uthishanhl­oko ukhombisa ukungabamb­isani nabo bengabazal­i.

Uthe okunye okubamanga­zayo ukuthi lo R150 kuthiwa awukhokhwe ngisho izingane ezifunda u-grade R.

Uthe bathi uma bebuza ngalokho, uthishanhl­oko wathi nazo ziyayikhok­ha ngoba uma sezisemaki­lasini athe thuthu, seziziband­akanya nezemidlal­o, nazo ziyobe zixhaswa u-grade R oyobe ukhona ngaleso sikhathi.

Okhulumela umnyango wezemfundo Kwazulu-natal umnuz Sihle Mlotshwa uthe othishanhl­oko bezikole okungakhok­hwa kuzo imali yesikole akufanele baphoqe abazali ukuthi bakhokhe imali ethize.

“Ukusabisa okuthiwa kwenziwa uthishanhl­oko akufanele. Ukukhokhwa kwemali ethize ezikoleni okungakhok­hwa kuzo, kufanele kwenziwe emhlanganw­eni wabazali, kube wukuthi kuvunyelwe­ne ngokuphele­le,” kusho umlotshwa, othe uluthumele ehhovisi lesifunda udaba ukuze lusukunyel­we.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa