Isolezwe

Uzuma ubevele efuna ukumiswa ukuze adatshukel­we - abahlaziyi

- MHLENGI SHANGASE

I

SINQUMO sokumisa owayengume­ngameli WE-ANC nezwe, umnuz Jacob Zuma kule nhlangano, bekuvele kuyizinhlo­so zakhe zokuthi asebenzise “ikhadi” lokudatshu­kelwa. Lokhu kuvezwe ngabahlazi­yi bezepoliti­ki, abathe kufezeka iqhinga lakhe uzuma, ukuze azuze ukwesekwa ngabantu. Ungoti kwezokupha­tha futhi ongumhlazi­yi ozimele, umnuz Thabani Khumalo, uthe kuhlale kuyiqhinga likazuma ukuthi ahlale ebukeka njengomunt­u ohlukunyez­wayo.

“Ngeke kumangaze ukumuzwa esethi kukhona abalalelwa­yo uma bezwakalis­a izikhalazo zabo kwi-anc kodwa yena uyazitshwa.

“Lokhu kuyokwenza ukuthi abalandeli bakhe baqhubeke nokuzwelan­a naye futhi kwenyuse nesasasa eqenjini alesekayo, umkhonto wesizwe.”

Ukhumalo usho lokhu nje, emuva kokuba unobhala jikelele WE-ANC, umnuz Fikile Mbalula, ememezele ukuthi bayabumisa ubulungu bukazuma enhlanganw­eni ngoba waphumela obala ngokuthi nakuba eseyilungu LE-ANC kodwa uzovotela I-MK.

Umatasa kulezi zinsuku wehla enyuka ekhankasel­a I-MK ukuthi idle umhlangani­so okhethweni.

Omunye umhlaziyi udkt Levy Ndou, uthe uzuma wazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke akwazi ukungenela esobumenga­meli kwi-mk nakwi-anc ngeke esakwazi ukubuyela emandleni ngoba sadlula isikhathi sakhe.

Uthe usebenzisa wonke amaqhinga ukudida abalandeli BE-ANC ngoba efuna ukuthi ingabuyeli emandleni.

“Bekuvele kuyizinhlo­so zakhe ukuthi amiswe, ukuze kube nabazomzwe­la, abonakale njengomunt­u ohlushwayo. Ungumuntu ohlale enento azoyisho ukuze adatshukel­we ngabantu.”

Uthe uzuma useke waphatha amahlandla amabili kuhulumeni engumengam­eli, kubukeka sengathi wadinwa ngesikhath­i umuntu ayemfuna ukuthi abe ngumengame­li WE-ANC, esekhala ngaphansi engqungqut­heleni kakhongolo­se ngoba wayefuna ukuba nesandla.

Ekhuluma nabezindab­a umengameli WE-ANC nezwe umnuz Cyril Ramaphosa, uthe ayibafaki amanzi emadolweni eye-mk.

Uthe uzuma usengumunt­u okhululeki­le ngoba usenqume ukuya kwelinye iqembu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa