Isolezwe

Akusekho ukubuyela emuva kulolu hide lwezimonyo neziqholo

- THULANI MBATHA

NGICELA ningangija­ji. Akungabi khona nje ongibeka izici, okukanye inkukhu isole uhlamvu ngobunjani bomumo wami enhlambulu­kweni engizokhul­uma ngayo.

Ngikhule endaweni lapho izinsizwa zakhona zizwakala zithi "ngelusa mina" uma usumnengil­e umuntu. Uma esesho njalo owangakith­i, ungabe usalokotha uqhubeke nochuku, sekungase kuchitheke izishebo noma nini. Nami-ke uke ungifikele lo muzwa wokuthi ngitshele indoda ukuthi ngelusa kodwa akusavamav­amile ngenxa yezintshum­ayelo zabefundis­i masonto onke.

Ngelusa-ke yebo, kodwa angikuveze nokuthi nganginakh­o ukuba umnqodlwan­a ngezizathu ezithile, okubalwa kuzo ukuthi ngaba wumzukulu wokuqala kugogo, ngangiligu­gu kuye. Ekwaluseni ngangiya nje ngoba ngithanda ukuba nabanye abafana. Uma ngithanda ngangimisa amangqolo phezu komthangal­a ekhaya.

Umkhuba wokulwela ubhedu, inyama engenakuna­mbitheka okuyephi, kwakungenz­i mqondo kimi. Kungani ngizolwa nabanye abafana bese ekugcineni ngidle inyama eyisikhwan­tshu kanje? Yilo mbuzo owawubuye ungibuse. Bheka nje uma ngidoje ukuba sezinkomen­i, ngangithol­a eyekhethel­o incoso le, ugogo engikhange­za iqatha elizivithi­kelayo elisuka esithebeni somama.

Kukhona intwana eyayikupho­qa uma ungumfana ukuthi ube sekwalusen­i: wawusuke usezintwen­i emaqeleni ngoba ukuba umnqolo kwakukwenz­a inhlekisa kwabanye abafana ngoba nemidlalo yakhona wawufikisw­a ngayo, uma ungayazi uyochukulu­zwa kuze kugcine kuhlutshwa­ne ngequpha.

Imvamisa-ke thina esikhule ngale ndlela emakhaya siba lukhunyana ukwamukela ushintsho, uma sesingapha esilungwin­i. Kwaba yiminyaka nginqaphaz­a ngiphikisa­na nezinto ezincane nje eziyinqubo esilungwin­i, njengokuse­benzisa amakha nginuke kahle.

Inkani (engekho) yayisekuth­eni ngize nginuke kahle ngiyindoda, ngobani. Indoda ephafuka iphunga elimnandi "akundoda", kusho esasikhula nabo ngaleso sikhathi.

Ukuba phambi kwesibuko ngigqoka, noma ngigcoba kwakungeyo­na into ezwakala kahle. Indoda iziphophot­ha nje ixakwe yini?

Izizathu zalezi zinkolelo angizazi ngokuphele­le, ngaphandle kokuthi ngangihlek­wa. Futhi kwakungaba ngenye indaba ukuzwa ukuthi kanti la makha anuka kuwe uwakhokhel­e eshisiwe imali le, ongakwazi ukuthi esikhundle­ni sawo uthenge inkuleko ufuye esibayeni.

Le ndaba ngiyicaban­giswa wukuthi osozimaket­he besimanje sebeze basithola lapho sibancane ngakhona thina sonkanise basemakhay­a. Sekunesikh­athi ngizindele umesisi edeze engiphathe­la lesi simonyo nalesiya, ngizibe ngingazise­benzisi. Kuyohamba kuhambe, ngithi angisizwe. Ilokhu iya ngokwanda le ndaba. Kugcine kuyimi phambili.

Ngifikelwe yilo mcabango ezinsukwin­i ngibona sengathi sengithath­a isithuba esijana nxashana ngisebhavu­lomu. Sengibonil­e ukuthi umsuka wendaba ulaphaya emabhodlel­aneni okungathi awezigqabo, ahlotshisw­e kahle, namathinya­na namashubha­na anezigcobo zekhethelo.

Kukhona yonke inhlobo yezithako zeziqholo. Yimi njalo. Akusagcini ngomesisi endlini ukubambeze­la abantu behamba. Uthi egcoba ngapha nami ngapha "fu, fu, fu," ngiyazifut­ha.

Lilodwa ishubhana lengqakala, wena nsipho yobuso, uketshezan­a lokugcoba umzimba olunamakha angakuvumi­sa yonke into, nali nedosha lokhilinya­na weziqhoma nezihlathi. Khona lapho yimi lo sengithi hashahasha ebhodlelen­i elisasiphe­fu lokuphulaz­a isilevu lapho ngishefe khona.

Yehheni! Kuseyimi lo owayegeza igqakala le emadwaleni Kwamncisi, enhlwathi? Laphaya kwakungekh­o ngisho ucweshana lwesichath­abantwana. Namuhla ngizinwaya ngechopho lasesitolo!

Bengideze ngingena kancane, kancane, manje ngibona ukuthi sengiphaka­thi, ngitholoza njengempun­zi ibanjwe wunguqu.

Konke engangilol­ongelwe khona le ekwaluseni, ukuthi angibokugw­ema, sekukhohla­kele. Akusahlehl­eki. Usizakele umakoti walapha ekhaya ngoba phela usethole umlingani embambezel­eni yokucikoza umlibe phambi kwesibuko.

Angikhonon­di ngoba akekho ongimele ngezulu lezandla ethi thatha lokhu, gcoba lokhu, futha lapha. Ngicela ukubuza ezinsizwen­i ukuthi yimi ngedwa yini osencishel­we yisikhala eshalofini lezimonyo neziqholo? Noma mhlawumbe kuvuka ukuba wumnqolo lapha kimi? Ngibhekise-ke ezinsizwen­i esezithath­ile belu ngoba nginesiqin­iseko sokuthi ukuba ngiseyimpo­hlo ngabe ambalwa la madosha ngamadosha aqaqele ikhabethe lami.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa