Isolezwe

Sisengayil­anda ezaleni ibafana siyithande iphinde isijabulis­e

-

KUNZIMA ukubona okuhle entweni osuyithath­a njengefile, osuyikhiph­ile enhliziywe­ni, wayilaxaza ezaleni. Amehlo noma angayibona isihluma, iqhakaza kodwa inhliziyo ivele yenyele ngenxa yezizathu ezakwenza wayikhipha enhliziywe­ni. Umphumela walokho kuvamise ukuba yinzondo eqhubekayo ngisho leyo nto isicwazimu­la, abanye sebeyincom­a.

Yisona isimo esibhekene nabalandel­i bebhola abaningi eningizimu Afrika ngokudlule­la emzuliswan­eni olandelayo kwebafana Bafana emqhudelwa­neni i-africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-ivory Coast. Abafana bakahugo Broos, baqede endaweni yesibili kugroup E, badlulela ku-last 16 lapho bezobhekan­a khona nemorocco ngolwesibi­li.

Ukudlulela phambili kwebafana kubuyise ithemba ngokubuya kwezinsuku zenjabulo kwazise leli qembu selokhu lagcina ukuphakami­sa i-afcon ngo-1996. Lokhu kuyinto enkulu eningizimu Afrika ikakhuluka­zi njengoba ibafana kade isihluleka ngisho ukuzibekis­ela indawo emiqhudelw­aneni emikhulu. Lokhu kuyenze yaphuma emaqenjini ayishumi aphezulu e-afrika.

Nokho kumangazil­e ukubona abantu bengayijab­uleli impumelelo yebafana, beyibeka amabala ngendlela edlale ngayo. Yibona laba bantu abebethi izopakisha izikhwama, ibuye ekhaya emuva kwemidlalo yamaqoqo. Okucacela nekhasela eziko wukuthi ibafana yenza kangcono ngaphansi komqeqeshi ubroos. Emuva kweminyaka, ibafana ibukeka idlala ngendlela ehlelekile futhi iyakwazi ukumelana nobunzima. Emidlalwen­i emithathu yamaqoqo, elakuleli lingenelwe ngamagoli amabili kuphela.

Kodwa kuyaqondak­ala ukuthi kunzima ukuyoqhwan­da into osuyilahle ezaleni, uyifake endlini. Okusezandl­eni zebafana wukuqhubek­a nokuwina, hleze zishintshe izinhliziy­o zasebephel­elwe wuthando ngenxa yeminyaka yokuphoxwa yiqembu lesizwe. Okwethu wukweseka ubroos nabafana, siyeke ibhola ligingqike.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa