Isolezwe

Ukhala ngamachweb­a nogesi ukganyago engayishin­tshi imalimbole­ko

- BONISWA MOHALE

U

KHALE ngenkinga yokunqamuk­a kukagesi, izingqinam­ba emachweben­i nokungabi bikho kwamaguzu, umphathi we-south African Reserve Bank, umnuz Lesetja Kganyago. Izolo ukganyago umemezele ukuthi imalimbole­ko izohlala ku-8.25%. Okusho ukuthi inzalo ekhokhwa ngabantu uma beboleka imali emabhange izohlala ku-11.75%. Uthe izinkinga zikagesi, amachweba namaguzu zivimbela ukukhula komnotho ezweni. Kulo nyaka umnotho wezwe uthe balindele ukuthi ukhule ngo-1.2%. Uthe okwamanje amandla emali awakabi lapho efuna ukuthi abe khona isikhathi eside. Ufuna abe phakathi kuka3% no-6%. Ubuye waveza ukuthi izimpi eziqhubeka emazweni ehlukene njengeyase-russia ne-ukraine, ephakathi kwe-israel nehamas zinomthele­la omubi kubantu. Ubalule ukuthi kunemikhiq­izo eyenziwa erussia nase-ukraine kuphela ephazamise­kayo uma kunempi futhi imikhumbi isiyesaba ukuhamba ered Sea njengoba kuqhubeka impi ye-israel nehamas. Uthe abakhiqiza­yo bazodlulis­ela izindleko zokuhamba amabanga amade kubathengi, okusho ukuthi izinga lempilo lingase lilokhu libiza. Ebuzwa ukuthi uzokwenzen­jani njengoba I-ANC Kwazulu-natal isabise ngokuthi izomashela emahhovisi ebhange lombuso uma imalimbole­ko ingehli, ukganyago uthe uzokwamuke­la uhlu lwayo lwezikhalo. Uchaze ukuthi imalimbole­ko ikulesi sigaba ekusona ngoba kuvikelwa abantu bakuleli. Usolwazi Bonke Dumisa, uthe akumangazi ukuthi ibhange aliyishint­shanga imalimbole­ko njengoba kwaziwa ukuthi lihlale libheke amandla emali ukuthi akuphi. Uthe okwamanje njengoba amandla emali eku-5.1% ngeke anyakaze mhlawumbe izoze iqale ukwehlisa imalimbole­ko ngojulayi. Umnuz Reuben Maleka wenyunyana yabasebenz­i bakahulume­ni, i-public Servants Associatio­n (PSA), uthe bebefuna ukuthi ukganyago abe nozwelo, ehlise imalimbole­ko kodwa-ke kungconywa­na ngoba akayinyusa­nga. Uthe ukunyuka umlibe kwemalimbo­leko kuholela ekudliweni kwempahla yabasebenz­i abaqala ukudonsa kanzima ngezikhath­i zecovid-19. Ubalule ukuthi laba basebenzi banokhwant­alala ngenxa yokuthi abakwazi ukukhokhel­a impahla yabo, okubalwa izimoto nemizi. Uphethe ngokucela ibhange lombuso ukuthi libe nozwelo, lehlise umthwalo kubasebenz­i nabantu bakuleli ngokuxegis­a imalimbole­ko.

 ?? Isithombe: CHRIS JENKINS ?? UMPHATHI webhange lombuso, umnuz Lesetja Kganyago uthi ukungasebe­nzi kahle kwamaguzu okwenza kube nolayini abade bamaloli, kuphazamis­a ukukhula komnotho
Isithombe: CHRIS JENKINS UMPHATHI webhange lombuso, umnuz Lesetja Kganyago uthi ukungasebe­nzi kahle kwamaguzu okwenza kube nolayini abade bamaloli, kuphazamis­a ukukhula komnotho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa