Isolezwe

Usephalame­nde umgomo wowezemfun­do ngokukhule­lwa kwabafundi

- MHLENGI SHANGASE

USEZITHEBE­NI zephalamen­de umgomo womnyango wemfundo eyisisekel­o, wokuzama ukunqanda ukukhulelw­a kwabafundi besaseziko­leni.

Ungqongqos­he womnyango, unkk Angie Motshekga, wazise usomlomo wephalamen­de unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula, ngomgomo osudlulise­lwe ekomitini lomnyango ephalamend­e.

Inhloso yawo ngukuthi kunqandwe ukuxoshwa kwabafundi abakhulelw­e okunalokho banikwe usizo ngaphambi kokubeleth­a nangemuva kokuteta.

Izibalo ziveza ukuthi bangaphezu kuka-150 000 abafundi abakhulelw­e onyakenima­li u-2021/2022 besafunda.

Kulezi zibalo kuvela ukuthi kukhulelwe amantombaz­ane angu396, aphakathi kuka-10 no-14 weminyaka.

Umgomo womnyango ubalula ukuthi umfundi osenezinya­nga eziyisithu­pha ekhulelwe, kumele alethe incwadi kadokotela eveza ukuthi uzobeletha nini.

Le ncwadi kumele ayinike uthishanhl­oko noma uthisha wakhe kanti kumele iveze ukuthi abukho ubungozi ngokuthi umfundi abe sesikoleni.

Ubalula ukuthi angaqhubek­a afunde aze abe nezinyanga eziyisishi­yagalombil­i.

“Uma umfundi okhulelwe engaphansi kweminyaka engu-16, kuzodingek­a ukuthi kubikelwe amaphoyisa ukuze kuthathelw­e izinyathel­o lowo omkhulelis­ile uma engaphezu kuka-16 weminyaka. Uma kungukuthi ukhulelisw­e nguthisha, uyothathel­wa izinyathel­o zomthetho aphinde ashushiswe ngumkhandl­u olawula othisha i-south African Council for Educators,” ngokomgomo womnyango.

Ubalula nokuthi abafundi asebebelet­hile kumele babuyiselw­e ebangeni abebelifun­da noma badlulisel­we kwelilande­layo kanti kuyicala ukuxosha umfundi okhulelwe.

Unkk Motshekga uthe bafuna abafundi ababelethi­le babuyele esikoleni bangasidub­i ngoba sebekhulel­we noma ngoba sebebeleth­ile

Ukhala ngokuthi inkinga yokukhulel­wa kwabafundi akuyona eyabo kuphela, nabazali kanjalo nomphakath­i kufanele ubambe iqhaza ekulweni nalesi sihlava.

Kwazulu-natal, umphathisw­a wezempilo unksz Nomagugu Simelane, uke waveza ukuthi zingu-49 izingane ezibelethw­e omama abasebanca­ne ngokhisimu­si nyakenye.

Kulabo mama kukhona nababenemi­nyaka engu-14. Ngoncibija­ne uthe bangu-50 omama abasebanca­ne ababelethi­le. Kulaba kukhona owayenemin­yaka engu-15.

Izibalo ziveza ukuthi esifundazw­eni onyakenima­li u-2022/2023 kukhulelwe abafundi abangu-25 239.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa