Isolezwe

Owe-safpu ufuna isukunyelw­e ‘eyokuxhash­azwa’ kwabadlali

- SITHEMBISO MKHIZE

I-SOUTH African Football Players Union (Safpu), ifuna kuqalwe umbuthano, isoccer Indaba, ozolwa namanyundu­lulu enziwa kubadlali ngabanikaz­i bamaqembu epremier Soccer League (PSL).

Le nyunyana iqhamuke nalesi siphakamis­o esithangam­ini nabezindab­a ebichaza kuso ngekubize ngokuxoshw­a ngokungekh­o emthethwen­i kwabadlali abawu-22 bemoroka Swallows. Umengameli wayo, uthulagany­o Gaoshubelw­e, nonobhala jikelele, unhlanhla Shabalala, baveze ukuthi sekungathi kusemtheth­weni ukungahlon­ishwa nokugcinwa kwezinkont­ileka zabadlali BEPSL.

Ushabalala uveze ukuthi sekuphele isikhathi becela IPSL ukuthi ingenelele. Ubuze ukuthi uma kungasukun­ywa, amanye amaqembu azovinjwa yini ukwenza eseswallow­s? Laba bobabili baneke amanye amanyundul­ulu enziwa kubadlali.

Kokunye abathe kumele kubhungwe kule mbizo, yindlela yokuhlunga abantu okumele bathenge amaqembu kwipsl. Ushabalala uthe kuhlukumez­a abadlali ukuvunyelw­a kwanoma ubani ukuba neqembu. Uphakamise nokuthi kumele kubhekwe indlela abaqhubeka nokwenza ngayo imali. Wathi Kumele kube ngabantu abangathem­beli kuphela kwisibonel­elo sanyangazo­nke.

"Kule Soccer Indaba kumelwe kusungulwe umthetho ozoqapha indlela okujeziswa ngayo abadlali ngokwehluk­ana kwamacala. Sike sabhekana necala lapho elinye iqembu ledstv Premiship belihlawul­isa abadlali ur10 000 kuya kur15 000 uma bethole ikhadi noma bedlale ngamakhokh­o abaphathi abakholelw­a ekutheni abengekho esimweni. Lo mthetho ukusiphi isigaba kusomqulu WEPSL?“kubuza ushabalala.

Uqhube wathi, kwesinye isikhathi, amaqembu anqaba ukunika abadlali izinkontil­eka ngemuva kokusayina.

"Kanti yini eyimfihlo kule nkontileka. Angithi umdlali kumele ahlale ezikhumbuz­a ngayo ngokulinde­leke kuye. Lo mkhuba wenza umsebenzi wethu ube lukhuni. Uthola ukuthi umdlali uza kithina ngenxa yokuthi sekuphele isikhathi engaholi. Kumele siqale sicele inkontilek­a kwipsl. Ithi ifika kube sekuphele izinyanga ezine kuya kwezinhlan­u lo mdlali engaholi. Kumele siphinde sihambise kulelo qembu incwadi yezimfuno. Kuyothi uma liphendula siphinde udaba siludlulis­ele kwipsl DRC. Kucishe kuphele unyaka umdlali elinde ubulungisw­a".

Kwelinye icala uthe basanda ukusiza u-aubrey Mngoma owazakhela igama kwi-orlando Pirates, Mamelodi Sundowns, ukusho amaqembu ambalwa. Kumanje akanaqembu.

Belimayela­na namaqembu amathathu abengayido­nsi imali ye-unemployed Insurance

Funds (UIF). Kodwa kuma-pay slip bekuhlale kubhalwa ukuthi iyabanjwa. Ushabalala uthe lo mdlali ugcine ethole amasenti. Uthe elinye lawo elikawandi­sile Letlabika weswallows ogcine ezikhokhel­a izindleko zokuhlinzw­a ekubeni elimale edlalela leli qembu.

 ?? ?? NHLANHLA SHABALALA
NHLANHLA SHABALALA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa