Ithemba lokuvuka eperth kowamablitzbokke
UBHEKE ukuthi babuyise isithunzi emqhudelwaneni weworld Rugby Sevens ozobanjelwa eperth, e-australia, umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa lombhoxo wesevens, usandile Ngcobo.
Lo mqhudelwano kuzobe kungowesithathu selokhu isizini ka-2023/24 iqalile ngasekuqaleni kukadisemba nyakenye.
Iqembu likangcobo layivula ngegiya eliphezulu isizini lidla isicoco emqhudelwaneni owawubanjelwe edubai ngodisemba 2 kuya ku-3 kodwa lahluleka ukubamba umgqigqo ngempelasonto elandelayo selidlalela ekhaya, ekapa, liqeda endaweni yesithupha.
Yize kunjalo amablitzbokke alele endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-30. Asele ngayisishiyagalombili eqenjini eliqhwakele, i-argentina.
“Asizange senze kahle ekapa kodwa ngijabule ngesimo sengqondo, ukusebenza ngokuzikhandla kanye nethalente esinalo kuleli qembu. Kuyajabulisa ukudlala endaweni entsha futhi nabadlali bazobe befuna ukwenza izwe liziqhenye ngokudlala kahle,” kusho ungcobo.
Lo mqeqeshi wenze inqwaba yezinguquko eqenjini elizodlala e-australia, elizophinde liholwe nguselvyn Davids njengoba ukaputeni, usiviwe Soyizwapi, engakalulami ngokuphelele.
Babili abadlali abasethubeni lokudlala okokuqala kumablitzbokke, udavid Brits notristan Leyds, bese kubuya nojames Murphy, Donovan Don noricardo Duarttee abebengekho edubai nasekapa ngodisemba.
Abadlali asebemnkantshubomvu njengo-impi Visser, Justin Geduld,
Dewald Human norosko Specman baphunyuziwe kodwa kubhekwe ukuthi babuye nomfutho othe xaxa uma sekulungiselelwa imiqhudelwano ezoba sevancouver naselos Angeles ngenyanga ezayo.
“Sikhethe abadlali abanomfutho nesivinini kulokhu. Sizoba sincane isikhathi sokuphumula phakathi kwalo mqhudelwano nale elandelayo yingakho sithathe isinqumo sokushiya abadlali asebekhulile ekhaya.
“Udavid notristan basha kwisevens kodwa bobabili badlale inqwaba yemidlalo ezingeni eliphezulu futhi banolwazi olukhulu lombhoxo. Basebenza kanzima futhi sebekhombisile, selokhu beqalile ukuzilolonga nathi, ukuthi banakho konke okudingekayo ukuze baphumelele kwisevens.”
Amablitzbokke azoqala kupool A lapho ezobhekana khona necanada kusasa ngo-6.44 ekuseni bese etholana phezulu nespain ngo-12.22 emini. Azophothula isigaba samaqoqo ngomgqibelo uma esedudulana ne-argentina ngo-06.38 ekuseni.
Iqembu lamablitzbokke elizodlala eperth: Ryan Oosthuizen, Zain Davids, James Murphy, Masande Mtshali, David Brits, Katlego Letebele, Ronaldo Brown, Selvyn Davids, Ricardo Duarttee, Tristan Leyds, Shilton van Wyk, Quewin Nortje, Donovan Don.