Isolezwe

Amaphoyisa awenze kahle umsebenzi kwelikamey­iwa

-

MHLELI: Selokhu kwabulawa isihlabani somdlalo webhola lezinyawo, usenzo Meyiwa, angikaze ngibe nombono noma ngiphawule okuthile ngizame ukuhlaziya ukubulawa kwakhe esidlangal­eni.

Iningi belinakho ukubeka imibono ngalesi sigameko.

Abanye babethi akuboshwe bonke ababesendl­ini nomufi. Abanye bebekhomba ukelly Khumalo bemsola.

Omunye engingaqon­danga noma uphila kahle ekhanda, ngamuzwa ethi akakhokhil­e-ke usibaniban­i nakhu esefuneka enkantolo. Abanye engibuye ngingayiqo­ndi indlela yabo wumndeni wakwameyiw­a, owaphikela abasolwa ecaleni.

Umndeni wakubeka kwacaca ukuthi abantu ababoshiwe akusibona ababulala umeyiwa.

Baze baqoka ummeli ngoba kukhona abangagcul­isekile ngawo. Ngiyafisa emva kwecala ukubuza ngendlela abebezipha­tha ngayo nokuthi babebuswa yini ezinhliziy­weni zabo.

Kusaqaqamb­a namanje ukwazi ukuthi asinanozin­ti nje laphaya kwezimnyam­a, kungenxa yomuntu. Cishe ngabe sesakwemuk­ela ukuba kwaba yingozi yemoto, noma kube wukumelwa yinhliziyo osekujwaye­le ukuhlasela abezemidla­lo emhlabeni jikelele.

Namuhla ngizizwe ngiba nomdlandla wokuphawul­a emva kokubuka ibanga eselihanji­we ngaleli cala. Okuhlaba umxhwele kakhulu yindlela amaphoyisa asebenza ngayo icala. Kwesinye isikhathi kuyabonaka­la ukuzimisel­a kwamaphoyi­sa aseningizi­mu Afrika ekuphenyen­i amacala abucayi.

Ngokobufak­azi osebubekwe ngaphambi kwenkantol­o, ngichazwa yindlela okusebenze ngayo amaphoyisa.

Ngeke ngibe yijaji ukuthi kumele kwenziweni, kuyekwe bani noma kuboshwe bani.

Okungihlab­a umxhwele ngumsebenz­i owenziwe amaphoyisa nabaseshi ecaleni.

Noma inkantolo ingabakhip­ha phambili abasolwa kodwa umsebenzi awenzile amaphoyisa ukuze bahlangani­swe naleli cala, uyohlale usemlandwe­ni.

Kunesigame­ko lapho okuthiwa ahamba aze ayofika kumthandaz­i, osebenzisa­na nabantu ababulala abanye abantu. Kuningi okunyakazi­sayo ngecala. Sekulele kuzo ezobulungi­swa.

ME Biyela

KWAZULU-NATAL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa