Amaphoyisa awenze kahle umsebenzi kwelikameyiwa
MHLELI: Selokhu kwabulawa isihlabani somdlalo webhola lezinyawo, usenzo Meyiwa, angikaze ngibe nombono noma ngiphawule okuthile ngizame ukuhlaziya ukubulawa kwakhe esidlangaleni.
Iningi belinakho ukubeka imibono ngalesi sigameko.
Abanye babethi akuboshwe bonke ababesendlini nomufi. Abanye bebekhomba ukelly Khumalo bemsola.
Omunye engingaqondanga noma uphila kahle ekhanda, ngamuzwa ethi akakhokhile-ke usibanibani nakhu esefuneka enkantolo. Abanye engibuye ngingayiqondi indlela yabo wumndeni wakwameyiwa, owaphikela abasolwa ecaleni.
Umndeni wakubeka kwacaca ukuthi abantu ababoshiwe akusibona ababulala umeyiwa.
Baze baqoka ummeli ngoba kukhona abangagculisekile ngawo. Ngiyafisa emva kwecala ukubuza ngendlela abebeziphatha ngayo nokuthi babebuswa yini ezinhliziyweni zabo.
Kusaqaqamba namanje ukwazi ukuthi asinanozinti nje laphaya kwezimnyama, kungenxa yomuntu. Cishe ngabe sesakwemukela ukuba kwaba yingozi yemoto, noma kube wukumelwa yinhliziyo osekujwayele ukuhlasela abezemidlalo emhlabeni jikelele.
Namuhla ngizizwe ngiba nomdlandla wokuphawula emva kokubuka ibanga eselihanjiwe ngaleli cala. Okuhlaba umxhwele kakhulu yindlela amaphoyisa asebenza ngayo icala. Kwesinye isikhathi kuyabonakala ukuzimisela kwamaphoyisa aseningizimu Afrika ekuphenyeni amacala abucayi.
Ngokobufakazi osebubekwe ngaphambi kwenkantolo, ngichazwa yindlela okusebenze ngayo amaphoyisa.
Ngeke ngibe yijaji ukuthi kumele kwenziweni, kuyekwe bani noma kuboshwe bani.
Okungihlaba umxhwele ngumsebenzi owenziwe amaphoyisa nabaseshi ecaleni.
Noma inkantolo ingabakhipha phambili abasolwa kodwa umsebenzi awenzile amaphoyisa ukuze bahlanganiswe naleli cala, uyohlale usemlandweni.
Kunesigameko lapho okuthiwa ahamba aze ayofika kumthandazi, osebenzisana nabantu ababulala abanye abantu. Kuningi okunyakazisayo ngecala. Sekulele kuzo ezobulungiswa.
ME Biyela
KWAZULU-NATAL