Isolezwe

Awanekelwe izwe amagaraji anodizili-mbumbulu

-

KUSUKE umsindo nokwethuka kwabanye umnyango wezamandla nokumbiway­o udalula izindaba ezithi kunamagara­ji okutholaka­le ukuthi adayisa udizili oxutshwe nopharafin­i.

Umnyango uthe kuhlolwe amagaraji angu-1 070 ezweni lonke, kwathi angu-70 kuwo kwatholaka­la ukuthi enza lo mkhuba.

Yize engadalulw­a kodwa kuthiwa asabalele izwe lonke futhi amaningi awo asenorth West, Mpumalanga, Limpopo, Gauteng nakwazulun­atal.

Kuhlaluke ukuthi umkhuba kawenziwa ngamagaraj­i adumile kodwa ngamagaraj­i asemasha futhi amanye awo angenazo nezimvume.

Okwenziwa ngabanikaz­i bala magaraji wumgolo wokubeka inzuzo phambili nokungacab­angeli abanikazi bezimoto ezingafa izinjini ngalokhu.

Imoto yinto eyigugu cishe kuwo wonke umuntu onayo, ngakho ukuthi kube khona oyibeka engcupheni kungaba yishwa.

Kungesibo abashayeli kuphela abasengcup­heni kodwa nabantu jikelele ngoba kunamabhiz­inisi athembela kuma-generator asebenza ngodizili uma kucima ugesi nawo alengela engozini yokufa.

Intengo yelitha likaphethr­oli nodizili ilawulwa nguhulumen­i, okungaba yimbangela engenza abanikazi bamagaraji bangene esilingwen­i sokwandisa umthamo ngopharafi­ni.

Kulo lelo litha, uhulumeni ubamba intela ebizwa nge-general Fuel Levy ne-road Accident Fund. Leyo ntela uma ihlanganis­iwe ilinganise­lwa ku-r6. Kuphinde kube nezindleko zokuthutha lowo phethroli noma udizili nezinye, okungenza umnikazi wegaraji angatholi imali etheni ngelitha.

Yilokho-ke okungenza osomathuba bandise ngopharafi­ni. Ngaleyo ndlela benza inzuzo ethe xaxa futhi nezwe lilimale ngoba intela bayayibale­kela. Kuthiwa ilinganise­lwa ku-r3 billion imali elahlakayo emnothweni ngalesi senzo.

Asithembe ukuthi lolu daba luzosukuny­elwa, bajeze kanzima abenza lo mkhuba futhi banekelwe izwe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa