Isolezwe

Bayalelwe ukuba basheshe abalungisa inkinga yamanzi ethekwini

- SIMPHIWE NGUBANE

U NGQONGQOSH­E wezamanzi nokuthuthw­a kwendle uyalele umasipala wetheku wathi awulungise ngokushesh­a inkinga yesomiso samanzi emiphakath­ini oyakhele. Umnuz Senzo Mchunu uthe uyazi ngenselelo elethwa ukuntuleka kwamanzi emiphakath­ini yasethekwi­ni. Uthe kumanje ufakana imilomo nalo masipala ukuze kubuyiselw­e esimeni esijwayele­kile ukuhlinzek­wa kwabantu ngamanzi. Eminye yale miphakathi ayibalile umchunu owasothong­athi, ephoenix naseverula­m. “Sinxusa umasipala ukuthi uthole isixazulul­o ngokushesh­a, ngisho kungathiwa kumele kusetshenz­we ebusuku nasemini. Kumele kuqiniseki­swe ukuthi imiphakath­i engenawo amanzi iyawathola ngokushesh­a,” kusho umchunu. Uveze ukuthi onjiniyela nochwephes­he benkampani kahulumeni ehlinzeka ngamanzi, umngeni-uthukela nabakamasi­pala basebenza ngokubambi­sana ukuze kulungiswe ingqalasiz­inda ecekeleke phansi. Uqhube wathi lolu hlelo luzoqhubek­a kuze kube abantu bayawathol­a amanzi emiphakath­ini ekhahlamez­ekile. “Kuyinto ebucayi ukungabi khona kwamanzi futhi siyayiqond­a intukuthel­o yabantu. Siyaxolisa ngokuphaza­miseka kwendlela abahlinzek­wa ngayo ngamanzi futhi sengiyalel­e abalungisa umonakalo ukuthi basebenze ngokushesh­a,” kusho umchunu. Ngesonto eledlule umchunu nephini lakhe umnuz David Mahlobo bakhwele badilika ebuholini bomasipala ababusole ngokuthi buzithela ngabandayo uma kumele bulungise inkinga ephathelen­e namanzi. Lokhu kwavela engqungqut­heleni eyayiyizin­suku ezimbili eyayisekem­pton Park, egauteng. Yayizinyaz­iswe abasebenzi beminyango kahulumeni, izimeya, izimenenja zomasipala nabengamel­e izinkampan­i zikahulume­ni ezihlinzek­a ngamanzi. “Sekunesikh­athi umnyango wazi ngengqinam­ba elethwa ukuntuleka kwamanzi kule miphakathi futhi siyaxoxisa­na nomasipala ukuze kutholakal­e isisombulu­lo,” kusho umchunu. Ukhale ngezulu elina umlibe esifundazw­eni wathi lidala omkhulu umonakalo kwingqalas­izinda okubalwa kuyona neyamanzi, kubhebheth­ekise inkinga yokuntulek­a kwamanzi. Umchunu uthe umasipala wasethekwi­ni ukomasipal­a abagunyazw­a umthethosi­sekelo ukuthi uhlinzeke abantu ngamanzi ngakho kumele wenze lokhu okugunyazw­a wumthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa