Senyukile isibalo sabadlule emigwaqweni ngamaholidi
ZINYUKILE izinombolo zabafe ezingozini zomgwaqo Kwazulu-natal ngesikhathi samaholidi kadisemba uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngo-2022/2023.
Ungqongqoshe wezokuthutha kuzwelonke, unkk Sindisiwe Chikunga, ukusho lokhu ngesikhathi ebambe isithangami nabezindaba egoli, obekuhloswe ngaso ukunekela umphakathi ngezibalo zezingozi ezenzeke emigwaqweni yakuleli phakathi kukadisemba 1 nojanuwari 13.
Lesi sifundazwe singesinye sezine okubikwe kuzo ukunyuka kwesibalo sabafe ezingozini zomgwaqo njengoba kuthiwa sikhuphuke ngo- 4.2% uma kuqhathaniswa nokwenzeke ngesikhathi esifanayo ngo2022/2023. I-western Cape yisona sifundazwe esikhuphuke kakhulu isibalo ukuqhathanisa nezinye njengoba kube u-22.6%.
Kwezinye izifundazwe lo mshophi wehlile, i-eastern
Cape kuthiwa wukuphela kwesifundazwe esikwaze ukwedlula umgomo esasibekelwe wona wokwehlisa izinga abantu abafa ezingozini zomgwaqo okungenani ngo-18.6% njengoba sehle ngo- 21.5%.
Nakuba kunjalo, unkk Chikunga uthe zehle ngo- 2.3% izingozi zomgwaqo okufe kuzona abantu ngesikhathi samaholidi kadisemba ka-2023/2024.
Bangu-1 184 abadlule emhlabeni kuzwelonke, ukuqhathanisa nabangu-1 212 ngo-2022/203.
“Isibalo sezimoto ezintsha ezibhalisiwe ngamaholidi kadisemba nyakenye, ukuqhathanisa nangesikhathi esifanayo esedlule, sikhombisa inqubekela phambili eyenzekile ukuhlangabezana nazo zonke izingqinamba. Kusuka ngodisemba 1, nyakenye, zingu13 133 035 izimoto ezibhalisiwe ukuqhathanisa nezingu- 12
968 430 okusho ukuthi kube nezimoto ezingu-168 000 ezintsha emgwaqweni,” kusho unkk Chikunga.
Uthe ngamaholidi bekudlange imvula enamandla nesichotho okube nomthelela ezingozini ezenzekile. Okunye akuvezile, yisibalo esiphezulu sabashayeli abasha abathole izincwadi zokushayela njengoba bengu15 343 067 ngodisemba odlule, ukuqhathanisa no-14 897 925 wangodisemba 2022.
Uveze ukuthi ngodisemba 20 nje kuphela, isibalo sezimoto emgwaqweni senyukela ku-853 564. Kuthiwa izingozi eziningi zenzeke ngesonto lokuqala kudisemba, elesithathu lapho abaningi bebevala emsebenzini nelesine, okuyisonto likakhisimusi ebelinempelasonto ende. Uthe izingozi eziningi bezenzeka kuyisonto okuyinto entsha. Izikhathi obekuvame ukwenzeka ngazo izingozi yiphakathi kwehora lesikhombisa ebusuku no-10. U-80.8% wezingozi kuthiwa udalwe wubudedengu babantu emgwaqweni, u-10.4% kube ngenxa yemvula enamandla nesichotho kanti u-8.8% udalwe ukungabi bikho esimeni kwezimoto ezisebenzisa umgwaqo.
Kuthiwa bangu-7 820 abashayeli ababoshiwe, okukhona phakathi kwabo abebeshayela bephuzile, abahamba ngesivinini eseqile nabebenezincwadi eziwumgunyathi.
Umshayeli oboshwe ehamba ngesivinini sika-225km/h endaweni evumela u-120km/h ku-n1 e-settle Bridge, elimpopo, kanti otholakale ukuthi uphuze kakhulu enotshwala obungu-2.48 ml egazini uboshwe e-eastern Cape.