Isolezwe

Kuzoqokwa izimeya ezintsha EKZN

- SABELO NSELE

KUZOQOKWA izimeya ezintsha emikhandlw­ini yakwazulun­atal ebisihlale isikhathi eside ingenabuho­li.

I-ANC isimemezel­e amagama alabo efuna ukuba baqokelwe ezikhundle­ni kumasipala wakwadukuz­a, Ray Nkonyeni nowasemdon­i.

Kule mikhandlu kunezikhal­a ebuholini obuphezulu njengoba emibili yawo ingenazo izimeya, eminye ingenawo amaphini ezimeya.

Amagama abaholi I-ANC efuna ukuthi bangene kulezi zikhundla amenyezelw­e ngunobhala WE-ANC Kwazulunat­al, umnuz Bheki Mtolo, obekhuluma nezintathe­li emva komhlangan­o wesigungu esiphezulu.

Lezi zikhala bese zihlale isikhathi eside zingavalwa kulandela ukushona nokusula kwabaholi abebekade beziphethe.

Kumasipala wasemdoni isikhala savuleka emva kokusula kukanksz Sibongile Khathi ngonyaka owedlule.

I-ANC iphakamise igama likankk Mbali Cele-luthuli ukuba athathe esobumeya.

Unksz Cele-luthuli ubekade engusomlom­o walo mkhandlu.

Usotswebhu omkhulu emkhandlwi­ni, umnuz Phila Thabethe, uphakamise­lwe kwesephini lemeya, umnuz Mthandeni Mbutho yena waphakamis­elwa kwesikasom­lomo.

Kwesobumey­a kumasipala waseray Nkonyeni, I-ANC izophakami­sa igama likanksz Zodwa Mzindle. Unksz Mzindle ubekade engusomlom­o kulo mkhandlu.

Isikhundla sobumeya savuleka emva kokusula kukamnuz Sikhumbuzo Mqadi, oseyimeya yomasipala wesifunda Ugu.

Umqadi wathatha lesi sikhundla emva kokushona kowayeyime­ya, unkk Phumlile Mthiyane, ngonyaka owedlule.

Umtolo uphinde waveza ukuthi bazophakam­isa igama likamnuz Njabulo Cele ukuba aqokelwe kwesephini lemeya kumasipala wakwadukuz­a.

Isikhala savuleka emva kokushona kukamnuz Thulani Ntuli, owashona elungisele­la ukuya emhlanganw­eni womkhandlu.

Umtolo uthe bajube laba baholi ukuze kuzoqinisw­a umbhidlang­o wokuhanjis­wa kwezidingo kubantu.

“Njengoba sisondela okhethweni lukazwelon­ke, sivuselela ithemba nokukholel­wa kwababantu kwi-anc njengenqol­a emasondoso­ndo ezophucula impilo yabantu. Siyakuqini­sekisa ukuzibophe­zela kwethu ekwenzeni

I-ANC ibe yithuluzi lokuqhakam­bisa intando yeningi emphakathi­ni futhi abantu bazuze kuyo.

“Sibeka phambili ukuzimisel­a, ukusebenza ngokuzikha­ndla ukuze kuzuze imiphakath­i ehlale ivotela I-ANC. Siwabongel­a wonke amaqabane azothatha lezi zikhundla ezintsha. Sineqholo lokuthi azophuthum­isa ukulethwa kwezidingo kanye nethemba emiphakath­ini ajutshwe kuyo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa