Isolezwe

Izinkanyen­zi

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19.

UMQONDO wakho usebenza kahle njengamanj­e. Unemibono emihle futhi nezinhlelo zakho zihamba kahle. Indlela owenza ngayo njengamanj­e izohlaba umxhwele abantu osebenzisa­na nabo. Uzothola imiphumela emihle.

TAURUS: Apr 20 - May 20.

UMNDENI wakho unokubambi­sana nokuzwana njengamanj­e, ngakho gxila ekuqinisen­i ubudlelwan­o benu. Ukubambisa­na kuzokugqug­quzela ukuba ubudlelwan­o benu bakheke kangcono. Ukulungisa kabusha nakho kuzobukhul­isa ubudlelwan­o.

GEMINI: May 21 - Jun 21.

UZOZITHOLA usenhlanhl­eni ngalesi sikhathi. Kuzomele wenze ngakho konke okusemandl­eni ukusebenzi­sa leli thuba kunokuba uliyeke lidlule. Qhudelana nabanye ukuze ukwazi ukuphumele­la.

CANCER: Jun 22 - Jul 22.

UKUZIMISEL­A kwakho kusemandle­ni akho. Zimisele futhi uqikelele ukuthi umdlandla wakho uhlale uphezulu.

Ngalokho ungakwazi ukwenza ngcono emsebenzin­i nasempilwe­ni yakho nje.

LEO: Jul 23 - Aug 22.

YENZA isiqinisek­o sokuthi uyakwazi ukubambisa­na nabanye abantu ngoba uzokwazi ukuthola lukhulu kubona. Yisikhathi esihle lesi sokuba wenze izinhlelo ezizokuzuz­isa nalabo abangase bakusize.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22.

UKUZETHEMB­A onakho emqondweni wakho kuzokusiza ukuthi ubhekane nezimo ezithinta wena nabathize. Ukuzimisel­a kwakho kuzokusiza ukwazi ukwenza okuhlelile ngempumele­lo.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22.

UMA uhalela ukuvakasha noma ukuthatha uhambo, lesi yisikhathi esihle sokwenza izinhlelo, uzilungise­le kahle konke okudingeka­yo. Uzokujabul­ela ukubona ukuthi wenze konke ngesikhath­i.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21.

KUZOBA lula ukubhekana nezamabhiz­inisi njengoba ubonakala uwukhuthal­ele umsebenzi wakho. Ngaphezu kwalokho, ukuzimisel­a kwakho kuzojabuli­sa abayizipha­thimandla.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 21.

UZOKHATHUL­A indima enkulu ekuthokozi­seni umngani wakho. Lokho kuzokwenza akubuyisel­e ngokuhle naye. Izeluleko ongamnika zona zizomakha futhi zimgqugquz­ele.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19.

THATHA isikhathi sakho ucabangisi­se kahle. Uzokwazi ukuthi waneliseke kwingaphak­athi lakho, ngokuthi uzibopheze­le ekuzindlen­i ngezinto ezithinta wena uqobo. Ukujula kwakho ngomqondo uzihlolisi­se kuzokusiza ukuvikela impilo yakho.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 19.

UMQONDO wakho uzovuleka. Uzoba namandla amakhulu futhi uzokwazi ukuthi uzibonakal­ise ngendlela ehlukile.

Khetha ukwenza izinto ezizokwenz­a ukuba ugqame esixukwini njengoba kuyisikhat­hi esihle sokuba uthole udumo.

PISCES: Feb 20 - Mar 19.

LINDELA isikhathi esihle kwezezimal­i. Khetha indlela yokugcina imali. Yenza konke ongakwazi ukukwenza ukuze uthole inzuzo. Ukulula isandla kuzokunika inzuzo esikhathin­i

esizayo.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Ngo-1981 kwadlula emhlabeni abantu ababalelwa ku-100 kwathi abangu-72 zangatholw­a izidumbu zabo elaingsbur­g, ewestern Cape kuhlasela izikhukhul­a

PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ulungile Radu

(osesithomb­eni) ongumethul­i wezinhlelo wakuleli. Uzalwa esoweto ngo-1975.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa