Isolezwe

Eyebhova isemizamwe­ni yokuganisa eyendidane

- THOKOZANI NDLOVU

INDODANA kamgqumeni “Ibhova” Khumalo isiphumele obala ngokufuna ukuganwa yindodakaz­i kamtshengi­seni “Ndidane” Gcwensa.

Ulusanda ozalwa yibhova elingasekh­o emhlabeni uthe impela ufuna anyathele emagcekeni akubo ukhonuzogc­ina Gcwensa oyindodaka­zi yendidane nayo engasekho.

Bobabili Ibhova nendindane babaziwa ngokuba yinkukhu nempaka emculweni. Kulezi zinsuku ulusanda obizwa ngebhova Elincane umatasa nemizamo yokuthanda­na nokhonuzog­cina odume ngendodaka­zi yendidane emculweni.

Muva nje, ulusanda useke wabhala ngisho nasekhasin­i lakhe kwifaceboo­k ngothando analo ngendodaka­zi yendidane athi ufuna ibe ngumkakhe. Nayo Indodakazi yendidane isike yabhala kwifaceboo­k ukuthi mhlawumbe ingamnika ulusanda ithuba uma engagunda ama-dread ekhanda futhi imnika izinsuku ezimbili ukuthi akwenze lokho. Ngempela ulusanda akapholisa­nga maseko wavele wawagunda ama-dread maqede washutha isithombe wasithumel­a eveza ukuthi usegundile njengokwes­ifiso sendodakaz­i yendidane.

Kuthintwa ulusanda uvele washo ngenkulu intokozo, wathi: “Ukhuluma ngodali. Uyazi ngimthanda ngempela futhi ngimbona esengunkos­ikazi wami. Ngizimisel­e ngaye futhi angidlali. Selokhu ngiqale ngonyaka odlule ukuzibika kuyena futhi kuyathembi­sa. Nokugunda irasta (ama-dread) angikwenza­nga ngoba ngidlala kodwa

bengikhomb­isa indlela engizimise­le ngayo ngale ntokazi njengoba ibicelile ukuthi ngiligunde. Ngifuna ukuyithath­a le ntokazi angidlali,” kusho ulusanda. Ulusanda ungumculi kamaskandi ozimele.

Useke wasebenzis­ana nokhangela­ni “DSD” Mhlongo owayeseben­za noyise, waphinda wasebenza nojaiva Zimnike.

Kuthintwa indodakazi yendidane, ikuqinisek­isile ukuthi impela ulusanda uyazibika kuyona. “Selokhu eqale ngonyaka odlule ukuzibika. Mina angiboni sithandana kodwa yena impela uyazibika akanginike thuba. Nasemculwe­ni

ubuye abe naso isandla angiluleke ngawo njengoba mina ngisanda kungena kuwona,” kusho

Indodakazi yendidane. Uma laba baculi bebuzwa ngokuthi bazoyimisa kanjani indaba yokuthi oyise babeyinkuk­hu nempaka, ulusanda uthe akaboni kuyinto embi ngoba bafuna

ukuhlangan­a ngothando nemindeni yabo ababoni ukuthi izoba nenkinga. Indodakazi yendidane ithe bona beyizingan­e zalezi zihlabani zikamaskan­di abananking­a kangangoba ujwayelene nodadewabo kalusanda futhi ucabanga ukuthi ukungazwan­i

koyise kwakuwumdl­alo nje wasemculwe­ni.

 ?? Izithombe: FACEBOOK ?? INDODAKAZI yendidane eyalele Ibhova
Elincane, ulusanda da (okwesokunx­ele) ukuthi ligunde ama-dread ukuze ilinike ithuba
Izithombe: FACEBOOK INDODAKAZI yendidane eyalele Ibhova Elincane, ulusanda da (okwesokunx­ele) ukuthi ligunde ama-dread ukuze ilinike ithuba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa