Isolezwe

Ulaxaze isonto ecikwa abefundisi abaxegelwa oziphu

- CHARLES KHUZWAYO

UMCULI wokholo osola umfundisi wasenigeri­a ngokumhluk­umeza ngokocansi esakhula, ucheryl Zondi

(osesithomb­eni), udalule ukuthi baningi abefundisi abangamakh­restu abaxegelwa woziphu nosekumpho­qe ukuba angabe esalubhada esontweni.

Ucheryl ngomunye wabantu besifazane abavulela umfu Timothy Omotoso nabazalwan­e abangaphan­si kwakhe olusanda Sulani nozukiswa Sitho, uxhaxha lwamacala amayelana nokudlweng­ula nokunukube­za ngokocansi njengoba begqigqa enkantolo enkulu yasegqeber­ha, e-eastern Cape.

Ekhuluma kwijustify Podcast, ucheryl uthe bambalwa abefundisi ababizelwe enkolweni ngokweqini­so.

“Ake sithi kubefundis­i abawu-10 esengike ngahlangan­a nabo. Kulowo 10 uyedwa kuphela ongangifun­i, u-9 wonke uyangifuna.” Ucheryl uthe yena akasathemb­i muntu ozibiza ngomfundis­i.

“Ngiyaxolis­a. Uma nje kimi wathi ungumfundi­si, ngiyaphuma kuwe.” Uthe akazi kungani abantu besilisa abangamakh­restu bazibandak­anye nokuhlukum­eza ngokocansi. Uthe iningi labantu abashumaye­la lisebenzis­a izwi likankulun­kulu ukuhlukume­za abantu besifazane ngokocansi.

“Ngifisa sengathi laba bantu bengaseben­zisi izwi likankulun­kulu ukugila imikhuba. Uma ufuna ukugila imikhuba, hamba uyoyenza kodwa ungafaki unkulunkul­u emanyeleni akho. Musa ukufaka ngisho amadlozi!”

Uthe laba bantu bathungath­a ikakhuluka­zi izingane zamantomba­zane ezisuke zingakakhu­li kahle ngokomqond­o. Uthe emuva kokugilwa wu-omotoso, wake wamzonda unkulunkul­u.

Eqhuba, uthe icala lika-omotoso limhlukume­ze kakhulu kangangoba uke wathola izinsongo kubantu ebebefuna ukumbulala uma eqhubeka nokwethula ubufakazi, kwaphoqele­ka ukuba ahambe kubo futhi engabe esagibela amatekisi. Nakuba kunjalo kodwa uthe wayengasab­i lutho ngoba wayengakho­lwa ukuthi kunomuntu ongafuna ukubulala yena. “Kwakungath­i yihlaya nje.”

Uthe uze wazithola esedla izidakamiz­wa ngoba ubengasakw­azi ukumelana nokhwantal­ala obelumhlas­ele. Uthe kwake kwaba nesikhathi lapho ezonda khona unkulunkul­u ngakho konke okwennzeka kuye.

“Ngangizibu­za ukuthi kungani avumela into enje yenzeke kimi? Wayevumela­ni umuntu asebenzise igama lakhe ukuhlukume­za abantu. Isikhathi esiningi ngangingaf­uni ukuzwa ngonkulunk­ulu. Ngase ngiwumhede­ni.”

Ngokuhamba kwesikhath­i, ugcine ebuyelile ekukhonzen­i unkulunkul­u kodwa ngendlela yakhe. Yize kubukeka kumhambela kahle emculweni kodwa nakhona uthe kunabaculi abadumile abafuna ukusebenzi­sa udumo lwabo ukumxhapha­za ngokocansi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa