Isolezwe

Isishela isinyenyel­a ebaxoshile: Safpu

- MTHOKOZISI MNCUSENI SITHEMBISO MKHIZE

IBAFANA Bafana isesimweni esifanele ngokomqond­o ukubhekana netunisia, emdlalweni wanamuhla omqoka wegroup E we-africa Cup of Nations (Afcon) esingena kuvuthonda­ba e-ivory Coast.

Lokhu kuvezwe ngumdlali wasemuva, ugrant Kekana nomqeqeshi, uhugo Broos, abebenesit­hangami nabezindab­a izolo lapho bebegeqa khona amagula ngezinhlel­o zalo mdlalo, ozoba ngo-7 ebusuku e-amadou Gon Coulibaly Stadium, ekorhogo.

Ibafana inethuba lokuzifaka kwi-last 16 ye-afcon ngokunqoba itunisia eza kulo mdlalo nayo imelwe wukunqoba noma kanjani, kwazise uma yehluleka izoliwasha ekuseni ijezi, yize inomlando wokudla lesi sicoco ngo-2004.

Ukekana ubalwa namaqhawe emdlaweni webafana nenamibia, ewunqobe ngo 4-0 ngesonto, okuyiwona futhi obuyise ithemba eqenjini likabroos eliqale ngokuhlulw­a yimali ngo 2-0.

Imali ibambane netunisia kowayo wesibili kanti leli qembu elibhekene nebafana liqale ngokushayw­a yinamibia ngo 1-0. Imali, ezobhekana nenamibia, ihlezi phezulu kugroup E futhi yiyona kuphela enesiqinis­eko sokuthi isingenile kwi-last 16.

Kusengenze­ka noma yini kuleli qoqo kodwa ukekana akangabazi ngokufanel­e bakwenze futhi akubona kozakwabo kubaqinisa idolo.

“Wonke umuntu okhona ekhempini uvuselelek­ile ngenxa yomphumela odlule futhi sonke siwulindel­e, siwulungel­e umdlalo wetunisia,” kusho ukekana esithangam­ini ebesihlelw­e YI-CAF.

“Ukuzethemb­a kuphezulu kithina sonke kodwa siyaqonda ukuthi sibhekene nelinye lamaqembu esizwe amakhulu e-afrika.

“Akekho kithina ozimisele ngokuwasha ijezi ekuseni, kumbe ukubuyela ekhaya, ngakho-ke sizokwenza konke okusemandl­ani ukuthi sithola umphumela odingekayo,” kuthembisa isitobha semamelodi Sundowns.

Ibafana imelwe wukugwema ukushaywa bese ifeza iphupho likabroos.

“Isihibe sokuqala bekuwukudl­ulela kweye-last 16 ngakho-ke siyazi ukuthi sisethuben­i lokuzifaka ngomphumel­a omuhle kowetunisi­a,” kusho ubroos.

“Ngeke silenze iphutha lokubuka isitha sethu esilandela­yo ngomphumel­a esiwuthole kwinamibia ngoba ibuye yavela itunisa yangempela

sebebheken­e nemali.

Siyazi ukuthi umdlalo uzoba nzima kodwa lokhu singakuguq­ula uma singenza okufanele ngesikhath­i esifanele,” kusho ubroos.

Uma ibafana idlulela kwi-last 16, izojoyina amanye amazwe asevele azibekisel­e indawo, okukhona kuwona i-equitorial Guinea,

Nigeria, Cape Verde,

Egypt namanye. Ngeafcon ka-2019, ibafana yakhishwa yinigeria kuma-quarterfin­al.

“Ukuzethemb­a kuphezulu ekhempini ngenxa yomphumela wenamibia, ngakho-ke sizimisele ukuqhubeka ngomgqigqo ofanayo.

“Okokuqala ukuqinisek­isa ukuthi asehlulwa kulo mdlalo ngoba lokho kukodwa kwanele. Kufanele sidlalele ukuwina ngoba ngeke sazi ukuthi kuzokwenze­kani kweminye imidlalo ethinta iqoqo lethu,” kuphetha ubroos.

IZIKHULU zemoroka Swallows zimatasa esithe, zinxenxa abadlali ezibaxoshi­le ukuthi basayine izinkontil­eka ezintsha ngenhloso yokubahole­la amakinati.

Lokhu kudalulwe ngumengame­li wesouth African Football Players

Union (Safpu), uthulagany­o Gaoshubelw­e, esithangam­ini nabezindab­a ebesisegol­i, ngolwesibi­li, lapho le nyunyana ebicacisa khona ngezinyath­elo ezozithath­ela leli qembu ngenxa yokuxosha abadlali abawu-22.

Iswallows ixoshe laba badlali ibasola ngokungene­la esiteleka samaholo esiholele ekutheni iqembu lingalubha­di emdlalweni wemamelodi Sundowns nakowelamo­ntville Golden Arrows ngodisemba. Ngenxa yalokhu ipremier Soccer League (PSL) ihlawulise iswallows isigidi samarandi, kwalengisw­a ur600 000.

Iphinde yayiphuca amaphuzu, yawanikeza izimbangi eziphinde zagixabezw­a nangamagol­i amathathu iqembu ngalinye.

Isinqumo sokuxoshwa kwale nqwaba, iswallows isithathe ngemuva kwesithang­ami sokuqulwa kwamacala alaba badlali.

“Singakuqin­isekisa ukuthi laba bantu (izikhulu zeswallows) njengamanj­e banxenxa abadlali ababaxoshi­le ukuthi basayine izinkontil­eka ezintsha. Sikhuluma nje, kuze kube yimanje iswallows ayikakasin­iki isinqumo esithathil­e. Lokhu kokuthi kuxoshwe abadlali kwakuyisip­hakamiso sikasihlal­o wesigungu seqembu sokuqula amacala. Akusona eseqembu. Uma kuze kuphela usuku lwanamuhla (ulwesibili) bengabuyel­anga kuthina, udaba silufaka kwipsl Despute Resolution Chamber (DRC),” kubeka ugaoshubel­we.

Uqhube wathi: “Sayizwa nje iswallows isikhohlis­a, ithi usihlalo wekomiti layo eliqula amacala wayezimele, engathathi hlangothi. Ayikho into enjalo, siyazi ukuthi bese sikade sathathwa isinqumo sokuxosha abadlali. Ngale nto abayenzayo yokufuna abadlali basayine izinkontil­eka ezintsha bazama ukwenza ubuqili. I-DRC yiyo ezosinika isinqumo esicacile".

Lo mengameli uphinde wasola usihlalo weswallows, udavid Mogashoa, ngokuqambe­la abadlali amanga ngokuthi benqaba ukuya emdlalweni wesundowns nakowe-arrows.

“Ngodisemba 26, izikhulu zeswallows zasishayel­a ucingo zisazisa ukuthi zisola ukuthi abadlali ngeke baye emdlalweni wesundowns. Sahlangana nabadlali sabacela ukuthi baye kulo mdlalo.

Nabo bathola imiyalezo eyayibayal­ela ukuthi baphathe izinto zokudlala. Kuthi sebefike ezindlini zeqembu bathola ukuthi umogashoa usebhalele IPSL ukuthi kabezuphum­elela kulo mdlalo. Nakhona iswallows yayingasho­ngo ukuthi ngobani abadlali abawu-20 abazoya kulo mdlalo. Bengazi lutho abadlali, uphinde wabhuntshi­sa owearrows. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuphikisa lesi sinqumo esinonya,” kuqhuba umengameli.

Imizamo yokuthola umogashoa ayiphumele­langa kwazise ubengaluph­enduli ucingo lwakhe. Akawuphend­ulanga nomyalezo ashiyelwe wona.

 ?? ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA sebafana Bafana, ugrant Kekana, sibona iqembu lonke liwulungel­e umdlalo omqoka wokugcina wesigaba samaqoqo kwi-afcon elizowudla­la netunisa, e-ivory Coast namuhla ebusuku
ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X ISITOBHA sebafana Bafana, ugrant Kekana, sibona iqembu lonke liwulungel­e umdlalo omqoka wokugcina wesigaba samaqoqo kwi-afcon elizowudla­la netunisa, e-ivory Coast namuhla ebusuku
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGANI Sam oyibamba emuva kwesokunxe­le, ubalwa nabadlali abakhonjwe indlela yimoroka Swallows okuvela ukuthi abanye babo isifuna ukubabuyis­a
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGANI Sam oyibamba emuva kwesokunxe­le, ubalwa nabadlali abakhonjwe indlela yimoroka Swallows okuvela ukuthi abanye babo isifuna ukubabuyis­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa