Oweghana uvikele u-ofori osolwa ngokudlisa iqembu
UMQEQESHI weghana, uchris Hughton ukhuze abanemibuzo ngokudlaliswa kukanozinti urichard Ofori, kulandela umdlalo wabo wokugcina wamaqoqo e-africa Cup of Nations lapho bedlale khona ngokulingana ngo 2-2 nemozambique.
Kulo mdlalo iblack Stars ibihamba phambili ngo 2-0 wamaphenathi abekwe phakathi ngujordan Ayew ngokwehlukana kweziwombe.
Ukulahla amaphuzu seliyoshona, kuholele ekutheni ighana iqede endaweni yesithathu kugroup B ngamaphuzu amabili kwazise ibisishaywe yicape Verde ngo 2-1, yabambana ne-egypt ngo 2-2.
Icape Verde iqede eyamaqoqo iqhwakele ngamaphuzu ayisikhombisa, i-egypt yalala isibili ngamaphuzu amathathu. Womabili la maqembu asezibekisele izindawo kwilast 16.
U-ofori uyiqale yomithathu imidlalo, wangenelwa ngamagoli ayisithupha. Ijezi ubelibamba nojojo Wollacott odlalela ihibernian yasescotland nolawrence Ati-zigi, ovimbela ist Gallen yaseswitzerland.
Ukuqokwa kwakhe esikwatini seghana se-afcon kumangaze iningi kwazise akasalazi ijezi kwi-orlando Pirates, lapho elibanga khona nosipho Chiane nomelusi Buthelezi.
Wagcina ukubonakala kwezikamagebhula ngesikhathi zibhekene nejwaneng Galaxy yasebotswana ngosepthemba nyakenye, kweyokuhlungela amaqoqo ecaf Champions League.
Wenze iphutha eliholele ekutheni imozambique ithole ikhona eshaye ngayo igoli lokulinganisa ngesikhathi ephebeza ibhola ebelivele liyoziphumela ngaphandle.
“Mayelana norichard Ofori, lo ngunozinti oseke wasisindisa ezikhathini ezinzima kule midlalo emithathu esiyidlalile. Lesi yisinqumo engisithathile ngingumqeqeshi. Namanje ngisalimele iqembu engilikhethile,” usho kanje uhughton ekhuluma nezintatheli ekupheleni komdlalo.
“Lo mbuzo umayelana nomdlali oyedwa kodwa besinabadlali abangu-11 enkundleni. Iqembu liqokwe yimina futhi kufanele kusolwe mina ngalo.”
Ighana isabambelele enhlansini yethemba lokuthi ingahle ibe ngelinye lamaqembu amane azoqeda endaweni yesithathu, azodlulela kweyomkhumulajezi kodwa mancane amathuba okuthi kwenzeke lokho njengoba kunamaqembu asehlanganise amaphuzu amathathu, amanye asazodlala imidlalo yawo yokugcina.
Uhughton uthe kulukhuni ukuphawula ngekusasa lakhe njengoba ebesezwa iminjunju yokuphucwa iqatha emlonyeni emizuzwini yokugcina yomdlalo.
“Okwamanje izinto zimbi kakhulu, ngakho-ke angikwazi ukukhuluma ngokusazokwenzeka. Engingakwenza wukukhuluma ngemizwa engiyizwayo njengamanje nangokuthi iqembu lidlale kanjani,” uqhube kanje umqeqeshi.
“Ngithukuthele futhi ngikhungathekile njengawo wonke umuntu. Kufanele ngiwuthwale lo mthwalo ngiyinhloko yabaqeqeshi. Izinqumo mayelana nokuzokwenzeka ezinsukwini ezizayo, ngeke zithathwe yimina.”
Izintatheli zaseghana ebeziwotha ubomvu, zibonakale kumavidiyo asabalale ezinkundleni zokuxhumana zivimba ibhasi ebelithwele abadlali, zicasulwa wukuthi abezanga