Savelelwa oqhibukhowe bamaqembu asungulwe wohlohlesakhe
MHLELI: Lo nyaka uzoba nzima kakhulu kubantu abadala ikakhulukazi abangabanga nethuba lokufunda, abaye bathembele ezimpawini zamaqembu.
Ukwanda kwamaqembu angoqhibukhowe iningi lawo angasungulwa ngothando lokusebenzela umphakathi, kodwa asungulwa ngohlohlesakhe abalobizela ukuhlala bephethe, ukuze kuqumbe amaphakethe emindenini yabo.
Okuhlekisayo ukuthi iningi lawo lisungulwa ngabantu abahluleka bancama ukuphucula impilo yabantu. Okunye ukuthi iningi lisuke lihlubuke emaqenjini amakhulu eliphuma kuwo maqede ligwaze ngomkhonto liwubhekise ekhaya. Laba bantu bathembisa izulu nomhlaba.
Abanye bahamba kulawo maqembu belandelwa yiphunga elibi okungaba elenkohlakalo, bese kuba yilabo-ke abawubona umonakalo ungakenzeki abasuke bengene ngethikithi lalowo mholi ngalokhu okubizwa ngezinkambu.
Basheshe bayifunde ivaliwe uma lowo mholi sezimhlehlela izikhuni zokuthandwa umphakathi, esingathi behla sihamba isitimela kodwa ekugcineni bagcina sebekhala ngaphansi.
Okubi kakhulu ngalabo qhibukhowe ukuthi maningi amavoti okuzofana nokuthi aphonswe emgqonyeni kadoti ngoba ngeke abafikise ezweni lesethembiso ukuze bazixebulele umkhoma sebesephalamende.
Okuyihlaya elikhulu ukuthi kugcina sekubhaxabulana oxamu lapho khona amambuka noma amahlubuka egcina esegxeka abasuke bekade bekha lukhezo lunye naye enhlanganweni abekade ekuyo, injalo-ke ipolitiki yesisu. Eqinisweni lilonke iningi labaholi elazabalazela untukazane selalishiya elimagade ahlabayo.
Kulesi sizukulwane esikhona cishe babili bathathu ebuholini babo esingabafanisa nabaholi abanezinhloso zomnuz Oliver Tambo, inkosi Albert Luthuli,
Steve Biko, Smangaliso
Sobukwe nabanye. Sengathi umntwana wakwaphindangene umangosuthu Buthelezi osishiye zolo lokhu bese kungowokugcina ngci kulabo baholi.
Engibabalile bengikha phezulu nje, baningi engingazange ngibabale ukucabangela inkundla osigiyisa kuyo mhleli sibaningi. Bonke laba engikhuluma ngabo abakaze bahole abantu belandelwa yizimpukane ngenxa yephunga lenkohlakalo umntwana wakwaphindangene ayethi inuka phu.
Yikhona lokhu okungenza ngibone lolu khetho lubucayi kakhulu kunalo lonke kusukela ngo-1994 ngenxa yalabo qhibukhowe bamaqembu athe chithi saka wena owabona inkowankowane evumbuka emuva kokuduma kwezulu. Yiqiniso elingephikwe ukuthi imali yimpande yakho konke ukona. Bangaki kwipolitiki ababulawa kubangwa izikhundla eziza nebhodwe eliconsayo?
Kuyodela umakhasane oyobona kubhaxabulana oxamu. Sesilindele wena mfo karamaphosa ukuba umemezele usuku lapho unompempe eyoshaya khona indweba.
Inhlangano yokhetho okuyi-iec sengathi ingayishaya kahle indweba imiphumela ingalandelwa yiphunga elibi. Sekuyodela umakhasane oyozibona sezidudulana okhalweni kwangcede omhlophe.
ESHOWE