Isolezwe

Makusukuny­elwe utshwala obuwumbomb­ayi osebuphith­anisa amakhanda

-

EBANTWINI abaningi eningizimu Afrika akukhathal­eki ukuthi kujatshule­lwa ukunqoba kwamabhoko­bhoko indebe yomhlaba, noma impumelelo yomuntu siqu njengokuph­asa izivivinyo - injabulo noma umgubho uzohambisa­na nokudansa, ukucula notshwala.

Lo mkhuba nezinye izizathu sekubeke izwe ezibalweni zamazwe angu-10 emhlabeni jikelele anezinga eliphezulu lokusetshe­nziswa kakhulu kwejiki.

Yize amanzi amponjwana eyindlela yokugubha nokuzithok­ozisa, kepha uma esetshenzi­swa kabi abeka impilo engozini.

Kunezigidi zabantu ababulawa wutshwala, okuthiwa benza u-5% wabashonay­o ezweni njalo ngonyaka. Lapha sibala abathathwa wukugula, ababulalan­ayo nezingozi zomgwaqo. Nakuba izinkamba zisetshenz­iswa kakhulu uma kujatshulw­a kepha zidala umonakalo omkhulu nxa zeqiswa.

Ukusetshen­ziswa kabi kotshwala akulimazi nje kuphela impilo yomuntu ngokuthint­a izitho zakhe ezibalulek­ile emzimbeni nokwandisa amathuba okuba sengozini yezifo futhi kubeka engcupheni ukuphepha, inhlalakah­le nempilo yabanye.

Ngizithole sengininga ngalokhu futhi ngibhekisi­sa nomthelela wokweqiswa kophuzo oludakayo ngenxa yezimanga engizibone ngesikhath­i samaholidi. Lapho bengihamba khona belixhapha­kile ijiki.

Ngibone sebande kakhulu utshwala obungumbom­bayi ezitodlwan­a ezisezinda­weni ezehlukene. Kukhona okuthiwa yimunca, izimehlane ezisagolog­o ezingaqond­akali futhi kunamabhod­lela anamagama aziwayo kepha angumbomba­yi.

Kukhona obumhlophe obutholaka­la kalula ngamanani aphansi, kunemali ejwayeleki­le. Ngifike kwenye indawo emkhambath­ini bubizwa ngengqokol­o.

Kusuke esinamatha­mbo ngesikhath­i abesitodlw­ana lo gologo bewudayise­la abangawazi, abebezitsh­ela ukuthi bathenga owangempel­a. Bawubuyise­le esitolo bevutha, umnikazi waso washo ngokukhulu­leka ukuthi yinto eyaziwayo ngamakhasi­mende akhe ukuthi ugologo awudayisay­o kawusiwo ungqo.

Yize bebebhoka besho ukumqeda abathengi, kepha uvele wababuyise­la imali wathi kabayothen­ga kwenye indawo kodwa balindele ukugqobhok­a kwephaketh­e ngoba ugologo wangampela uyabiza. Uthe akasawuday­isi owangempel­a ngoba amakhasime­nde akhe akhonze umkokotelo.

Ingikhatha­zile le ndaba, ngayigubha kwabadala endaweni. Bangitshel­e ukuthi amabhungu endawo adla le ngqokolo kwesinye isikhathi kubuye kube sengathi aphanjanel­wa yingqondo. Kuthiwa uma eseyidlile agxila ingqokolo, abona izinto ezingekho futhi akhulume okungahlan­gani.

Ngithe ngiyalande­lela ukuthi yenziwa ngani futhi kuphi le ngqokolo, kwangaba bikho oqhamuka nempendulo ecacile. Kuthiwe nje abanikazi bezitodlwa­na bayilanda ndawana thize lapho yenziwa khona.

Ngibone ingozi ngoba kazaziwa izithako zakhona. Kungihluph­ile nokuthi kuthiwe abayiphuza­yo babuye bahheme.

Ngibuye ngakhexisw­a yinsizwa eqoqa amakopi namabhodle­la otshwala okulahlwe ngabantu abasuke bezijabuli­sa ngasolwand­le ethekwini. Le nsizwa ngiyinakis­we wukuthi ibithatha ibhodlela le-cognac ekhonzwe ngomntakab­ani.

Ngizijubil­e ngayibuza ukuthi izolenzani? Umfo uthe udla kahle uma ewathole amaningana amabhodlel­a e-cognac ngoba uwathengis­a ephoyinti lapho kukhiqizwa khona umbombayi wayo. Ngibindwe yisidwa, ngangabe ngisaqhube­ka neminye imibuzo ebengithi ngizolande­lisa ngayo.

Lokhu kungicacis­ele ukuthi kusamele kusetshenz­we kanzima ukuze kuvalwe utshwala bomgunyath­i emiphakath­ini yethu. Inselelo enkulu wukuthi yize buyingozi kepha kunababukh­onzile futhi abangezwa mshini ngabo. Babuthenga bebazi.

Bakhona-ke nababuphuz­a bengazi ukuthi wumbombayi, ngoba kwesinye isikhathi basuke bebuthenge ezindaweni ezithembek­ile. Abanye baye babone ngakusasa sebegulisw­a wutshwala “ababujwaye­le” ukuthi kungenzeka ukuba baphuze obungesibo.

Inselelo kayikho kuhulumeni kuphela ukuthi kuqedwe ngotshwala obungasile kepha nabakhiqiz­i babo abasemthet­hweni banejoka lokulwa nezephulam­thetho. Akufanele kulindwe ukuthi kuze kwenzeke umhlola njengokufa kwabantu bebulawa yilobu tshwala bese kuba yima kusukunywa.

Akusukunye­lwe phezulu kuliwe nalokhu nomkhuba wabakhiqiz­i botshwala, izimpahla nokudla komkokotel­o ngoba kubulala umnotho futhi kumosha impilo yabantu.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa