Isolezwe

Lizoqulwa elomshayel­i weloli eyaqeda izingane ophongolo

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

SELUKHONJI­WE usuku nenkantolo okuzoqulwa khona icala lomshayeli weloli eyaqeda izingane zesikole ophongolo, ngosepthem­ba 2022.

Umnuz Sibusiso Siyaya uboshelwe amacala okubulala ngokungenh­loso emuva kokuthi iloli ayehamba ngalo lagibela phezu kwemoto yezingane zesikole, kwashona ezingu-18.

Kwashona nothisha owayeyithw­asa ekhulelwe, kwashona nomshayeli weveni eyayithuth­a izingane zesikole, okusho ukuthi bangu-20 sebebonke abantu abashona kuleyo ngozi.

Ingozi enyantisa igazi yenzeka egodlwayo ku-n2 ophongolo, okuyisigam­eko esasusa umsindo, abantu bendawo bethi abasawafun­i amaloli.

Usiyaya kuthiwa ngemuva kwesigamek­o wabaleka wangaziwa ukuthi ushonephi, amaphoyisa ayemthunga­tha. Kwagcina ngokuthi azinikele emaphoyise­ni emuva kokuzwa ukuthi amfuna uthuli.

Usiyaya selokhu waboshwa wagqunywa esitokisin­i ngoba wanqaba ukufaka isicelo sebheyili wahlala esitokisin­i kusukela lapho.

Udaba lokufa kwezingane lwaba ngundabaml­onyeni isifundazw­e sonke, abaningi basala bethuthume­la. Usiyaya uvele okokuqala enkantolo enkulu esebenzela enkantolo yemantshi ophongolo.

Ngesikhath­i evela bekuyokwen­ziwa imicilikis­ho yokuqala ukuqulwa kwecala. Kugcine kuvunyelwa­na ngokuthi icala lizoqala ukuqulwa ngo-ephreli 15 nonyaka khona ophongolo.

Okhulumela abezokushu­shisa Kwazulunat­al, unkk Natasha Ramkisson-kara, uthe konke sekumi ngomumo ngokuqulwa kwecala likasiyaya.

Abantu basophongo­lo bese bevame ukuba nezikhalo nemibhikis­ho bevimba amaloli, bethi abasawafun­i ukuthi adlule endaweni yabo ngenxa yezingozi.

Umnyango wezokuthut­ha kuzwelonke wathwala kanzima ngenxa yalesi sigameko, umphakathi uwusola ngokuthala­lisa ungalusuku­meli udaba lwamaloli ayingozi endaweni. Umphakathi wawukhala ngokuthi ufuna kubhekwe isimo somgwaqo ngoba ubuye ungaphephi.

 ?? Isithombe: DASEN THATHIAH/ENCA ?? LIZOQULWA maduze icala lomshayeli weloli eyaqeda izingane zesikole ophongolo ngo-2022
Isithombe: DASEN THATHIAH/ENCA LIZOQULWA maduze icala lomshayeli weloli eyaqeda izingane zesikole ophongolo ngo-2022

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa