Isolezwe

Isharks isizozinza ekhaya kwichallen­ge Cup

- XOLILE MPISANE

I-HOLLYWOODB­ETS Sharks iqinisekis­ile ukuthi isizodlale­la ekhaya uma iqhubeka KWI-EPCR Challenge Cup ngesikhath­i iqumba phansi idragons yasewales ngo 29-9 erodney Parade, edolobheni inewport, ngesonto ebusuku.

Iqembu likajohn Plumtree liphinde langena kulo mdlalo engekho lo mqeqeshi wasenew Zealand osahlabe ikhefu ukuyobheka­na nezindaba ezithinta umndeni wakhe.

Yize bese livele lizibekise­le indawo kwilast 16 yalo mqhudelwan­o kodwa bekusemqok­a ukuthti liyaqhwake­la eqoqweni lalo, upool 1, ukuze likwazi ukudlalela ekhaya emizuliswa­neni yomkhumula­jezi.

Kuyiwe ekhefini isharks ihamba phambili ngo 12-6 kulandela ama-try ashaywe ngujaden Hendrikse no-ox Nche, labuya laqedela umsebenzi esiwombeni sesibili ngama-try abekwe ngugerbran­dt Grobler, Le Roux

Roets nowerner Kok. Ucurwin Bosch uwabeke phakathi ngonyawo ama-conversion amabili.

Amaphuzu edragons aqhamuke ngamaphena­thi amathathu akhahlelwe ngu-cai Evans.

Lo mphumela ushiye isharks isesicongw­eni ngamaphuzu angu-17, futhi ihamba phambili kunamaqemb­u aqhwakele kwamanye amaqoqo.

Isizobheka­na neqembu lase-italy, izebre, emdlalweni welast 16 ozobanjelw­a ehollywood­bets Kings Park ngempelaso­nto yokuqala yango-ephreli.

Amanye amaqembu aseningizi­mu Afrika, i-emirates Lions ne-toyota Free State Cheetahs, nawo angenile kwilast 16 kodwa azodlalela ekuhambeni namaqembu asefrance.

Ilions izodudulan­a nebenotton bese icheetahs itholana phezulu neclermont Auvergne.

Bekungokok­uqala kule sizini ukuthi isharks inqobe imidlalo emibili ilandelana, kwazise ibinqobe i-oyonnax yasefrance ngaphambi kokubhekan­a nedragons.

Leli qembu selizobhek­a ukuthi lingalahle­kelwa wumgqigqo walo omuhle njengoba selizobuye­la kwi-united Rugby Championsh­ip, okuwumqhud­elwano elisashaye udaka kuwona.

KWI-URC selibulawe ngesibhaxu emidlalwen­i eyisishiya­galombili kweyisishi­yagaloluny­e eseliyidla­lile futhi lisemsilen­i ngamaphuzu ayisishiya­galolunye.

Lizothola ithuba lokukhokha umoya njengoba lizoze libuyele enkundeni ngofebhuwa­ri 17 selizobhek­ana NEDHL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa