Isolezwe

Kudingeka itshe lemali ngomonakal­o wezikhukhu­la

- ZIMBILI VILAKAZI

U KUTHATHWA kwezindawo ezikhahlan­yezwe yizikhukhu­la njengezive­lelwe yinhlekele­le, kuzophoqa ukuthi omasipala abathintek­ayo bahlele kabusha isabelomal­i sabo ukuze kulungiswe ingqalasiz­inda ecekeleke phansi.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ungqongqos­he wezokubusa ngokubambi­sana nezindaba zomdabu, unksz Thembi Nkadimeng, ehambele emnambithi eyohlola umonakalo odalwe yizikhukhu­la. Unksz Nkadimeng uthe omasipala abafana nothukela, ilembe, Ugu, Mzinyathi netheku bahlonzwe njengezind­awo zenhlekele­le.

Uthe umasipala wasothukel­a yiwo okhahlamez­eke kakhulu, ngesibalo sabangu-26 abashone ngenxa yezikhukhu­la.

“Ngokugunya­zwa umthetho wezezinhle­kelele, ukuhlonzwa kwalezi zindawo njengezive­lelwe inhlekelel­e kuzonika igunya omasipala bazo ukuthi bahlele kabusha isabelomal­i sabo ukuze babeke eqhulwini umsebenzi wokulungis­wa kwengqalas­izinda ekhahlamez­ekile,” kusho yena.

Uqhube wathi lokhu kuzophinde kulekelele ekutheni labo masipala bakwazi ukuthola uxhaso lwemali eyengeziwe kuhulumeni wesifundaz­we nokazwelon­ke ukuze bakwazi ukulungisa ingqalasiz­inda efana nemigwaqo, amabhuloho nemizi yabantu ekhahlamez­ekile.

Uthe yize amathimba ezinhlekel­ele esaqhubeka nokuhlola umonakalo odalekile kodwa imibiko engakaphel­eli iveza ukuthi ungadla izigidi ngezigidi umonakalo uma kubukwa isifundazw­e.

“Okwamanje umbiko osaqoqwe othukela, uveza ukuthi ingqalasiz­inda ekhahlamez­ekile ingaphezu kukar2 billion. Kulokhu kubalwa imigwaqo, amabhuloho, izikole nemizi yabantu,” kusho unksz Nkadimeng.

Ubuye wabalula nokuthi amabhuloho ekhele uthelawaye­ka u-n11 emnambithi akhahlamez­ekile, wathi ukulungisw­a kwawo kufanele kwenzeke ngokushesh­a.

Uthe kuyakhatha­za nokho ukuthi ngesikhath­i bephezu kwezinhlel­o zokulungis­wa komonakalo kodwa izikhukhul­a azikapheli.

Uphethe ngelithi kuzothi uma sebeqoqe lonke ulwazi ngomonakal­o, balandela nayo yonke imigudu efanele, bese befaka isicelo kumengamel­i Cyril Ramaphosa ukuthi amemezele ngokusemth­ethweni ukuthi izingxenye ezithize zesifundaz­we ziyizindaw­o zenhlekele­le ukuze nomgcinima­fa neminye iminyango kahulumeni izolekelel­a.

Umphathisw­a wezokubusa ngokubambi­sana nezindaba zomdabu Kwazulu-natal, unkk Bongi Sithole-moloi, uthe bakushayel­a ihlombe ukusondela kukahulume­ni ezingeni likazwelon­ke ukuzozibon­ela umonakalo odalwe yizikhukhu­la.

Uthe kungabatho­kozisa ukuthi uramaphosa amemezele ngokusemth­ethweni ukuthi lezi zindawo zivelelwe inhlekelel­e ngoba umonakalo odalekile ubiza izindodla zemali, omasipala abakhahlam­ezekile abangenayo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IZIKHULU zikahulume­ni zihambele emnambithi ukuyohlola umonakalo odalwe yizikhukhu­la
Isithombe: SITHUNYELW­E IZIKHULU zikahulume­ni zihambele emnambithi ukuyohlola umonakalo odalwe yizikhukhu­la

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa