Isolezwe

Uchithwe yinkantolo umnyango ngokuvala omazisi abasolisay­o

- PHILI MJOLI

UMA bengase batshelwe okusolwa ukuthi bazovalelw­a omazisi babo ngoba besolwa ngokuthi ngabomguny­athi, bangaqhube­ka benze ubugebengu ngabo ngaphambi kokuthi bavalwe.

Lokhu kushiwo ungqongqos­he womnyango wezesekhay­a, udkt Aaron Motsoaledi, ephawula ngesinqumo senkantolo yomthethos­isekelo.

Inkantolo ithe umnyango akufanele uvale ukusebenza komazisi babantu ngaphandle kokubazisa nokuphenya ukuthi izinsolo ezikhona ngaleyo nombolo kamazisi ziyiqiniso yini.

Iqhube yathe umnikazi kamazisi kumele anikwe ilungelo lokudlulis­a isinqumo uma engenelise­kile ngoba lokho kungukweph­ula ilungelo laleso sakhamuzi elikumthet­hosisekelo.

Ijaji Elmarie van der

Schyff, lenkantolo enkulu yasepretor­ia, lithe umqondisi jikelele womnyango wezasekhay­a unomthwalo wokuvikela isithunzi somqulu okubhalwe kuwo bonke abantu bakuleli.

Lithe akulungile “ukubeka umaka” kunoma yimuphi umazisi osolisayo, ukuvimba ukusebenza kwalowo mazisi, ngaphandle kokulandel­a inqubo.

Icala belifakwe ngunksz

Phindile Mazibuko, othintekay­o ekuvalweni komazisi, osebenzise ilawyers for Human Rights nelegal Wise South Africa.

Umnyango wezasekhay­a nomqondisi jikelele bebethi akukho okuphamben­e nomthetho okwenziwa wumnyango ngokuvala omazisi abasolisay­o.

Abafake izicelo zokulalelw­a kodaba enkantolo bebethi bangamakhu­lu abantu abakhala ngokuthi omazisi babo bavalwa ukuthi basebenze ngaphandle kokwaziswa ngaphambi kokuthi bavalwe futhi kungekho zizathu ezibekiwe.

Ngenxa yalokho abakwazi ukuthola izincwadi ezibavumel­a ukuthi bavakashel­e ngaphandle kwezwe, abakwazi ukuvota, ukuthola usizo lwezempilo, imfundo noma ukuvula amaakhawun­ti emabhange. Bathi izingane zabo ezibhalisw­e izitifiket­i zazo ngomazisi babo zihlukumez­eke ngendlela efanayo.

Ijaji lithe abameli babamangal­i bathe umnyango usanda kuvula omazisi abangaphez­u kuka-1.8-million ababevaliw­e kodwa ngesikhath­i kulalelwe isicelo ngosepthem­ba nyakenye, bekusenoma­zisi abangu-700 000 abavaliwe.

Umotsoaled­i uthe amabhange athe uma kungase kuvulwe omazisi abangu-700 000, azoshona ngoba abenza omazisi bomgunyath­i baboleka imali emabhange besebenzis­a bona labo mazisi.

“Ukubazisa ngaphambi kokubavala omazisi abasolekay­o nakhona kungabeka amabhange engcupheni yokuthi benze ubuqola ngabo, sebazi ukuthi bazovalwa.

“Siwumnyang­o sizozama ukuthi sibuyele etafuleni sibheke ukuthi umthetho, i-identifica­tion Act singawulun­gisa kanjani,” kusho umotsoaled­i.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa