Isolezwe

Uvalo kubulawa owesikebhe phambi komndeni

- ZIMBILI VILAKAZI

UMNDENI wowesilisa oyilungu lesikebhe odutshulwe wafa emzini wakhe oqaqeni, Kwamaphumu­lo, ngolwesine, usola ukuthi uthengelwe izinkabi. Umnuz Thulani Mhlongo (69), kuthiwa uhlaselwe ngabantu abangaziwa ngezikhath­i zantambama, bambulala kodwa abangathat­ha lutho

Isikebhe yinhlangan­o engenzi nzuzo, elwa nobugebeng­u bokwebiwa kwemfuyo ezindaweni ezehlukene Kwazulu-natal.

Inkosikazi yakhe unkk Thembelihl­e Mhlongo, ilandisa ngesigamek­o, ithe bebekhona bonke ekhaya ngesikhath­i kwenzeka isigameko.

“Besihleli ekhishini, ubaba ecambalele kwazise ubesanda kushayisa etohweni lakhe. Kuqhamuke abesilisa, abafike bambuza kumzukulu, ophendule ngelithi usacambale­le,” kulandisa unkk Mhlongo.

Uthe umzukulu unikele kumufi, eyomvusa, emazisa ukuthi kukhona abamcelayo.

“Uthe engafika kubona, ezozwa ukuthi bakhala ngani, bambuza umbuzo owodwa, bathi ‘uyisikebhe wena?’, akabange esathola nethuba lokuwuphen­dula, bamdubula,” kuchaza unkk Mhlongo.

Uthe konke lokhu kwenzeke phambi kwakhe nezingane ezivele zahlakazek­a zayocasha.

“Bebengazif­ihlile ebusweni kodwa engikuqaph­elile ukuthi abantu esingabazi. Ngiyasola ukuthi bathathwe ndawana thize ukuthi bazombulal­a, ngoba asibazi,” kuchaza unkk Mhlongo.

Uqhube wathi babone sebehamba ukuthi kanti bebefike ngemoto.

“Ibipakwe emgwaqweni,” kusho unkk Mhlongo.

Uveze ukuthi indawo yakwamaphu­mulo ibhekene nesihlava sokwebiwa kwemfuyo, wathi yingaleso sizathu umyeni wakhe waze wajoyina isikebhe esikhathin­i esingangon­yaka esedlule.

Uthe sibashiye bethuthume­la isigameko kangangoba izingane ezifundayo azilubhadi esikoleni.

“Zinovalo lokuthi mhlawumbe bangahle babuye. Yena lo ababuze kuye ubaba, waze wayomvusa, ubukeka ethikameze­kile ngisho nasemoyeni,” kusho unkk Mhlongo,.

Unkosikazi kamufi uqhube wathi ufuna ubulungisw­a ngokufa komyeni wakhe, wakhala nangokuthi abazi ukuthi bazomngcwa­ba ngani.

Okhulumela isikebhe, umnuz Joseph Manyathi, uthe babikelwe ngokubulaw­a kukamhlong­o.

Uthe zike zibe khona izigameko zokuhlasel­wa, kubulawe amalungu enhlangano yabo.

“Kuyasikhal­isa ukuthi thina uma sibamba umuntu ngemvubu, kuduma izwe lonke, kodwa uma sibulawa, kuyathulek­a,” kusho umanyathi. Uveze ukuthi igatsha labo lakwamaphu­mulo alikabi naso isikhathi eside libunjiwe, wathi liqalwe emva kokudlanga kokwebiwa kwemfuyo kule ndawo.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, uconstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa akwamaphum­ulo aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-69.

“Udutshulwe wafa oqaqeni ngolwesine,” kusho uconst Ngcobo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa