Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 – Apr 19

QHAKAMBISA ithalente lakho ngoba yisikhathi sokuphumel­ela kwezobucik­o. Zijabulise ngokuvakas­hela lapho kwenziwa khona ezobuciko noma lapho kwenziwa khona umsebenzi wezandla.

TAURUS: Apr 20 - May 20.

KWAZISE ukubalulek­a kwalesi sikhathi emicabangw­eni yakho. Okusha okwenzayo kuzophumel­ela. Konke lokhu kuhlangani­sa ukuphumele­la kwakho ngokwazi nangokuseb­enzisa ithalente lakho kokwenzayo.

GEMINI: May 21 - Jun 20.

YIBA nethuba lokulungis­a okungalung­ile ikakhulu lapho uhlala khona. Abantu bazokuleke­lela futhi bakweseke. Yenza amacebo okujabulel­a okuhle nabathandi­weyo bakho noma nomndeni wakho.

CANCER: Jun 21 - Jul 22.

UBUCIKO bakho kukho konke okwenzayo kuzoba nesiphetho esihle. Landela imicabango yakho nemizwa yakho kodwa ube uzama ukuba nesikhathi nomdlandla wokubhekan­a nalokho okuzoqhamu­ka.

LEO: Jul 23 - Aug 22

KUMELE ulawule imicabango nokwenza kwakho uma ufisa ukwenza okukhulu usebenzisa ikhono lakho. Kudingeka ucabange kanzima ukuze ukwazi ukuhlahla indlela eya phambili.

Okubalulek­ile wukuthi ufunde ukuqhamuka nezinto ezintsha.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22.

QINISEKISA ukuthi okwenzayo kuhlelekil­e futhi uhloniphe osondelene nabo. Lokhu kumqoka ngoba kuzokuvule­la amasango kwezomnoth­o futhi kuqinise ubudlelwan­o phakathi kwakho nabantu osebenza nabo ngokunjalo nabangani bakho.

LIBRA: Sep 23 - Oct 23.

INHLANHLA yenza uthathe izinyathel­o ezinhle zokuzivike­la. Kungenzeka uthole amathuba amahle kodwa ubonakala uyekelela izinto. Lokhu kuzokwenza ungazuzi lutho. Phela okuhle kuwela kulabo abazimisel­ayo. Nawe zimisele.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21.

UNGAPHUMEL­ELA kulokho okade wawukufisa ngalesi sikhathi. Lokhu kuzoshints­ha indlela osebenza ngayo. Zinike isikhathi sokucabang­a bese uthatha izinqumo ngokushesh­a.

SAGITTARIU­S: Nov 23 - Dec 21.

ZICABELE indlela ezokwenza kube lula ukuthola usizo uma usebhizini­sini. Uzozuza okuhle uma usebenzisa amathuba ngendlela efanele. Qonda kabanzi ngezimo eziyizithi­yo empilweni yakho yikhona uzokwazi ukuthatha izinqumo ezizokuyis­a phambili.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19.

BEKEZELA uvuleleke uma unabangani abasondele­ne kakhulu nawe. Ukuzwisisa kangcono kwenze noma ngabe unabangani noma usemsebenz­ini. Lokho kuzokuzuzi­sa lukhulu. Usungahlel­a umcimbi ozonihlang­anisa futhi nizuze okuthile ngawo.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18.

UZITHOLA unakiwe empilweni ngenxa yezinga eliphezulu lokuqhudel­ana ngalesi sikhathi. Kumele uqinisekis­e ukuthi ubhekana kanjani nezinkinga zakho. Zama ukuzigqugq­uzela uzethembe kokwenzayo.

PISCES: Feb 19 - Mar 20.

YENZA lokhu okwenzayo okuthanday­o kube sezingeni eliphezulu uma ufuna ukuqhubeke­la phambili ngokukhula ngomqondo. Uyazazi lapho wenza kahle khona futhi kudingeka uzethembe ukuze uphumelele kakhulu kunakuqala.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Ngo-1999 kwadutshul­wa kwashona owayenguno­bhala WE-UDM usfiso Nkabinde esesitolo ibridgeway erichmond, Kwazulu-natal.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ujessica Nkosi (osesithomb­eni) ongumlingi­si wakuleli. Wazalelwa esikhaleni, empangeni, ngo-1990.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa