Isolezwe

I-SABC ivale u-owen ukusebenzi­sa uphawu lwayo

- THOKOZANI NDLOVU

OWABA sematheni ngombango WE-SABC Summer Song, u-owen Ndlovu ekhala ngokudliwa kwamandla akhe YI-SABC, usevaliwe ukusebenzi­sa uphawu lwesikhond­lakhondla esisakaza ngomoya.

Lokhu kuza emva kokuthi u-owen efake isithombe esinophawu LWESABC ekhasini lakhe le-facebook, wathi I-SABC Summer Song iyabuya njengoba kungu-2024.

I-SABC imbhalele incwadi imazisa ukuthi akayeke ukusebenzi­sa uphawu lwayo emikhankas­weni yakhe.

“Sicela uyeke futhi ungaphinde usebenzise uphawu LWE-SABC emikhankas­weni yakho. Uphawu LWESABC lubhaliswe ngokusemth­ethweni ukuthi wolwayo futhi kuvumeleke yona (I-SABC) kuphela ukuthi ilusebenzi­se.

Kuphinde kube yiyona

I-SABC ekhokhela ukuthi ikwazi ukuluseben­zisa. Sizocela ukuthi usibhalele uvume ukuthi awuzoqhube­ka nokulusebe­nzisa ngoba awuvumelek­ile.

Uma uqhubeka kuzophoqel­eka ukuthi ubhekane nengalo yomthetho, okungahole­la ekutheni ugcine uhlawulisw­e imali ngalokho,” kusho incwadi YE-SABC ebhekiswe ku-owen.

Ethintwa u-owen, uyiqinisek­isile eyencwadi ukuthi ubhaleliwe yona. Uthe okwamanje akazokwazi ukuphawula ngayo kodwa useyidluli­sele kubameli bakhe, okuyibona abazoyicub­ungula bese beqhamuka nesinqumo.

Umbango ophakathi kuka-owen NE-SABC, usunesikha­thi ukhona njengoba kunonyaka okwake kwamiswa ngawo ingoma ehlukanisa unyaka ngenxa yamaphepha ayewafake enkantolo.

Wayekhala ngokuthi umqondo wengoma ehlukanisa unyaka ungowakhe njengoba ubuwaziwa nge-summer Song of the Year.

Phambilini ecacisa ngomncinti­swano, u-owen waveza ukuthi kuzona zonke iziteshi ZE-SABC, zazingavot­elwa izingoma ezizoba sembangwen­i wokuhlukan­isa unyaka.

Uthe kwakuba yisinqumo sabaphathi balowo msakazo ukuthi yimuphi umculi abambona ethandwa ngabantu, bese ingoma yakhe ihlukanisa unyaka. Kuze kwaba wu-2016 ngesikhath­i esenenkont­ileka NE-SABC lapho kuqalwe khona ukuthi kuvotelwe ingoma ezohlukani­sa unyaka.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? I-SABC ivale u-owen
Ndlovu ukuthi asebenzise uphawu lwayo emikhankas­weni yakhe
Isithombe: SIGCINIWE I-SABC ivale u-owen Ndlovu ukuthi asebenzise uphawu lwayo emikhankas­weni yakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa